UVusi Nova ukhuluma ngobudlelwane bakhe bomculo noSomizi

Lwazi Nongauza

Bonke ubufakazi obugcwele ezinkundleni zokuxhumana bukhombisa ubudlelwane bothando kodwa uSomizi Mhlongo-Motaung ongusaziwayo kanye nomculi uVusi Nova bayakuphika lokho.

Laba bobabili bavakashele izindawo zokuncebeleka ngamaholidi begibele ama-private jet bephuza neziphuzo ezimnandi, bazijabulisa elangeni behleli esikebheni eKapa futhi bathathe amavidiyo bethintana ngendlela ebukeka ngathi bayizithandani endaweni ekhethekile.

Ukubona izithombe, amavidiyo kanye nendlela yokuziphatha phakathi kwalaba bobabili, abantu ezinkundleni zokuxhumana baqagele abakuthandayo.

Kodwa engxoxweni ekhethekile abe nayo nabakwa-Scrolla.Africa, uVusi Nova uthe ngaphandle kobungani babo, yena noSomizi Mhlongo-Motaung bahlale besizana ngokuba nomthelela kwezomculo.

‘’Noma nini uma nginoSomizi, sihlala sicula njalo,” kusho uVusi Nova (ogama lakhe langempela nguVusimuzi Nongxa).

“Imibono yakhe ibe nomthelela endleleni engikhiqize ngayo ezinye izingoma zami.”

Uthe muva nje babuyekeze umqondo ababenawo wohlelo lomculo esikhathini esithile esedlule.

“Ngicabanga ukuthi isikhathi somvalelo ngesikhathi sihleli singenzi lutho ikhona okugcine kuvuselela lo msebenzi,” kusho uVusi.

“Lokho abantu abakubonayo njengamanje sekuphele iminyaka simatasa ngakho.”

UVusi Nova obekhathazekile uqhubeke waveza ukuthi ukulahlekelwa ngababathandayo kwabangela kanjani yena noSomizi ukuthi bakhiqize ingoma yabo ethi Ntandane.

‘’Mina noSomizi sichithe isikhathi esiningi sindawonye ngemuva kokushonelwa ngumama wakhe,” kusho uVusi.

“Ngicabanga ukuthi enye yezinto eyavela kulolo sizi lwakhe nesikhathi sami ngicabanga ngokulahlekelwa ngumama, kwaholela ekutheni senze le phrojekthi.”

Uthe iNtandane (okusho ukuthi ongenaye umama) enye yezingoma zikaBusi Mhlongo.

Yize uVusi Nova noSomizi bevame ukubonakala sengathi abangani uma bendawonye, ​​uVusi usanqaba ukuqinisekisa noma ukuphika amahemuhemu ngobudlelwano bezothando. Uphinde wenqaba ukuphawula ngobudlelwano bakhe obubikiwe nowesifazane oneminyaka engama-28 wase-Rosebank.

‘’Kuyadabukisa impela ukuthi abanye abantu nezindlu zabezindaba sebenqume ukuzithathela bona ukuveza ubulili bami nobudlelwano bezothando nganoma iyiphi indlela abayithandayo,” kusho uVusi.

“Kuyihlazo ukuthi abanye abantu ababoni ukuthi kukhona okungahambi kahle ngokubuza imibuzo engenazwelo. Ngikhetha ukungayiphenduli imibuzo enjalo.’’

Izihloko zakamuva