Uvume icala owadubula umshushisi ngephutha

Celani Sikhakhane

Iphoyisa elabulala umshushisi ngephutha enkantolo livume icala lokubulala ngokungenhloso.

UDetective Warrant Officer Muzi Mkhize walala ephethe isibhamu ezandleni wasidubula ngesikhathi efikelwa wuvalo ngesikhathi inkantolo iqeda ukuqula amacala. Inhlamvu yalimaza kabi umshushisi omkhulu u-Advocate Adelaide Ferreira-Watt.

Isibhamu sasisenkantolo njengobufakazi obasetshenziswa ngesikhathi kugetshengwa ipulazi.

Ukubulawa kukaFerreira-Watt (62), kwenzeka ngo-2019 ngesikhathi kuqhubeka icala enkantolo.

Ngesikhathi sesigameko uFerreira-Watt wayematasa necala lokugetshengwa kwepulazi eNkantolo yesiFunda yaseMzimkhulu.

UMkhize wabekwa icala lokubulala ngokungenhloso. NgoLwesine inkantolo yeMantshi yase-Scottburg imgwebe iminyaka eyisithupha, yalengisa iminyaka emihlanu ngaphansi kwemibandela.

Ngo-2019 i-Independent Police Investigative Directorate (Ipid) yathi uFerreira-Watt ubeshushisa icala lokugetshengwa kwepulazi ngesikhathi kulethwa isibhamu esinezinhlamvu enkantolo ukuze sifakwe njengobufakazi.

Ngandlela thize, iphoyisa “lalizama ukucosha noma ukuphatha isibhamu” isibhamu sadubuleka kwalima uFerreira-Watt enqulwini yangakwesobunxele.

UFerreira-Watt waphuthunyiswa esibhedlela sendawo kodwa akazange asinde.

Lesi sibhamu santshontshwa ngo-2014 esigamekweni sokugetshengwa kwendlu eXopo, ngaphambi kokuthi sisetshenziselwe ukugebenga ipulazi.

Ngaleso sikhathi ozakwabo bakaFerreira-Watt babebuza ukuthi kungani isibhamu esinezinhlamvu sivunyelwe enkantolo.

Izihloko zakamuva