Uvume awokubulala ababili okamatikuletsheni

Sandiso Phaliso

Ufune u-R50 wokuthenga ukudla kwasemini esikoleni. Kodwa umama wakhe ongamzali uNomaza Mevani ubengenaso ngisho isigamu saleyo mali.

Kunalokho unina ongamzali ucele imali kumzala walo mfanyana, uSandiswa Dasheka. Kodwa laba besifazane ababili bakwaze ukuhlanganisa u-R20 kuphela.

Lo mfundi owenza umatikuletsheni udinwe wagana unwabu ngale mali ‘encane’ wabe esegwaza bobabili laba besifazane.

Ube esentshontsha omakhalekhukhwini babo, ngemuva kwalokho waya esikoleni nezingubo ezigcwele igazi.

Ngokusho kwesihlobo sikaDasheka uSiphesihle Ntwayiyo, umsolwa oneminyaka engu-18, ongeke adalulwe igama ngoba akakaveli enkantolo, ugwaze abesifazane ngemuva kokuba bemnike  u-R20 acabange ukuthi akwanele.

Bebona amachaphazelo egazi kumfaniswano wakhe, othisha bambuzile ukuthi kwenzekaleni. Ngesikhathi engabaniki impendulo eqondile, baye babiza amaphoyisa.

UNtwayiyo uthe lo mfanyana ube esevuma amacala amabili okubulala.

Okhulumela amaphoyisa u-Ursula Roelfse uthe amaphoyisa aphenya amacala amabili okubulala kanti umsolwa uzovela enkantolo maduze.

Izihloko zakamuva