Uvuma induku owelomphebezo odumile ohluliwe

Lubhalwe nguRazeen Gutta

URafael Nadal uye walimala  okuholele ekutheni aphume ngomzuliswano wesibili kowe-Australian Open lapho ahlulwe khona ngamasethi aqondile nguMackenzie McDonald waseMelika.

Lo mdlali osewine i-Grand Slam amahlandla angu-21 ulimale inqulu yesokunxele ngasekupheleni kwesethi yesibili, wagcina ehlulwe ngo 6-4 wahlulwa kwisethi yokuqala.

Bekungekho okunye abengakusebenzisa njengoba uMcDonald edlale kahle ukuze ahlule lo mdlali wase-Spain obekusobala ukuthi unenkinga yokulimala.

Isethi yesithathu iphele ngo 7-5 futhi bekuwumdlalo wangempela obuhloselwe ukuqeda noma yimaphi amathemba uNadal abe nawo okuvikela isicoco kulo nyaka.

Yize ethi uzizwa “egcindezelekile ngokomqondo”, wenze konke okusemandleni akhe ukwethula umbono omuhle ngesimo esiya phambili.

“Ngiqonde ukuthi, ngiyethemba ukuthi akukho okubi kakhulu. Ekugcineni sekuphele amasonto amathathu amahle okuzilolonga. Ngiyethemba ukuthi lokhu ngeke kungivimbele isikhathi eside ngoba kuzoba nzima ukuphinde ngilulame,” esho ngemuva komdlalo.

“Ekugcineni angikwazi nhlobo ukukhononda ngempilo yami ngakho-ke, mayelana nezemidlalo, ukulimala kanye nezikhathi ezinzima kungenye into. Ngeke ngisho ukuthi angikho esimweni esikahle ngokomqondo njengamanje, ngoba ngizobe ngiqamba amanga.”

Ebuzwa ukuthi ngabe izinto zihlukile yini ukube akalimalanga, uyibeke yacaca imizwa yakhe wathi: “Angilithandi igama elithi ‘ukube’ kwezemidlalo noma empilweni,” esho.

“Kuyinto elula kakhulu: Ngiyakuthanda engikwenzayo. Ngithanda ukudlala ibhola lomphebezo. Ngiyazi ukuthi lokhuakukhona unomphela. Ngithanda ukuzizwa nginokuncintisana. Ngithanda ukulwela izinto ebengizilwela cishe isigamu sempilo yami noma ngaphezulu.”

Esithombeni esingenhla: URafael Nadal

Umthombo wesithombe: @AJE_Sport

Izihloko zakamuva