Uvulelwe amacala okudlwengula umlingisi

Iziphathimandla zase-Britain zivulele umlingisi uKevin Spacey amacala amane okuhlukumeza ngokocansi abesilisa abathathu.

USpacey uzuze indondo ye-Oscar ngeqhaza lakhe eliphambili kwi-American Beauty futhi wayaziwa ngokudlala indawo kasopolitiki uFrank Underwood kuchungechunge lomdlalo kumabonakude obizwa nge-House of Cards.

I-Crown Prosecution Service ithe ngoLwesine uSpacey oneminyaka engu-62 uphinde wabekwa icala lokwenza umuntu azibandakanye nocansi olwenziwa ngomlomo ngaphandle kwemvume.”

USpacey wake waba ngomunye wabalingisi abahamba phambili e-Hollywood, wangena enkingeni ngemuva kokuthi umlingisi u-Anthony Rapp esho ngonyaka ka-2017 ukuthi uSpacey wayefuna ukumnukubeza eneminyaka engu-14 ubudala.

Lokhu kwalandelwa umlingisi wangaphambilini owadalula ukuthi uSpacey wahlukumeza indodana yakhe ngokocansi. Lokhu kwalandelwa ukumangalelwa abantu abangu-20 abasebenza noSpacey enkundleni yemidlalo yaseshashalazini e-London lapho ebe ngumqondisi wezobuciko iminyaka engu-11 ababemsola ngokuziphatha okungafanele.

Udokotela ohlinzayo wamangalela uSpacey e-California ngo-2019 emsola ngokumphuthaza nokuzama ukumanga ngaphambi kokumnika ucansi lomlomo ngesikhathi embhucunga. Ummangali washona kungazelelwe ngaphambi kokuqulwa kwecala.

Abakhiqizi bamabonakude namafilimu baqale ukukhipha uSpacey kumaphrojekthi ngemuva kwezinsolo zokunukubeza ngokocansi okuhlanganisa nomdlalo wezombusazwe we-Netflix i-House of Cards eqede ukusebenza kwayo ngaphandle kwaSpacey.

Izihloko zakamuva