Lubhalwe nguBuziwe Nocuze
Bangaphezu kuka-27 abafana basemalokishini ahlukene aseKapa abanikezwe ithuba lokuyoba ingxenye yekhempu ebihlelwe nguSonwabile Dwangu oyilungu lomphakathi.
Le khempu ebibanjelwe e-Bainskloof inikeze abafana abasakhula indawo ephephile yokuveza imicabango yabo futhi babelane ngolwazi emiphakathini yabo.
UDwangu odabuka e-Lower Crossroads nguyena obehola ikhempu ngoba ethi ukholelwa kakhulu ukufundisa ngokuziphatha kubafana abasakhula.
“Sixoxile ngamaqhaza okufanele bawabambe emiphakathini yabo nokuthi yini edingekayo ukuze babe ngabesilisa abaqotho kusasa,” kusho uDwangu.
Ngokubona izinkinga ezidlangile zezidakamizwa, ubugebengu kanye nezinkinga zomphakathi ezithinta laba bafana abasakhula, ubefisa ukwakha indawo lapho bezokwazi khona ukuveza imizwa yabo ngokukhululeka ngaphandle kokwesaba ukwahlulelwa.
Ukuxhumana nemvelo nokujabulela ukubhukuda kubambe iqhaza elikhulu ngesikhathi sekhempu, kwanikeza abafana abaneminyaka ephakathi kweyisishiyagalombili nengu-16 ulwazi ababengakaze balithole emalokishini abo.
“Besinabafana baseGugulethu, iNyanga, i-Lower Crossroads nase-Crossroads futhi le khempu ibasebenzele ngoba bazitholele abangani. Manje sekuzoba lula ukuthi bavakashele kwamanye amalokishi ngoba bayazi ukuthi banabangani kulezo zindawo,” kusho uDwangu.
UDwangu uthathe igxathu lokufaka isandla njengesakhamuzi esiqotho, esizwa abangani ekuqinisekiseni ukuthi ikhempu iba impumelelo futhi unethemba lokufakaza izinqumo ezinhle nezenzo phakathi kwabafana emiphakathini yabo.
“Lokhu angikwenzeli ukuzuza imali, ngidlala indima yami kuphela ukuqinisekisa ukuthi sibakhulisa ngendlela elungile ukuze bezokwazi ukuhlukanisa phakathi kokuhle nokubi.”
Uhlela uhambo olulandelayo ngoMandulo, uzomukela noma yimiphi iminikelo yokuxhasa umsebenzi wakhe.
“Ngifuna ukusiza laba bafana babe ngabesilisa abangcono futhi ngikholelwa ukuthi konke kuzokwenzeka.”
U-Endinako Sawutana (14) uzwakalise injabulo yakhe ngokuba ingxenye yekhempu kanye nezinto ezibalulekile azifundile.
“Ukuhlanganyela nabanye abantu bekujabulisa. Uma uDwangu eqhubeka nalolu hlelo akukho okungasivimba ekubeni ngamadoda aqotho emiphakathini yethu,” kusho uSawutana.
“Sidinga abantu abaningi abazimisele ngokutshala imali kubantu abasha. UDwangu akakwazi ukukwenza yedwa lokhu. Esikucelayo ukuthi abantu abadala bangasifulatheli ngoba siyakulangazelela ukufunda,” kwengeza uSawutana.
UMandla Joyi (40) uyithakasele kakhulu imizamo kaDwangu futhi uzwakalisa ithemba ngokuqhubeka kwayo.
“Ukuzinikela kukaDwangu kubafana angabazi kusho lukhulu ngaye. Ngimethulela isigqoko futhi ngiyamhlonipha ngokungahlali phansi angenzi lutho. Yize lezi zingane kungewona umthwalo wakhe unqume ukwenza umehluko,” kusho uJoyi.
Esithombeni esingenhla: USonwabile Dwangu nabafana abancane abangu-27 ekhempini e-Bainskloof, e-Western Cape.
Umthombo wesithombe: UBuziwe Nocuze