Uvuke umbhejezana owesilisa ongasitholanga isibonelelo sakhe sabangasebenzi sika-R350

Kabelo Tlhabanelo

Kuphuke amafasitela kwancane indawo emahhovisi akwa-Sassa e-Bloemfontein ngoLwesihlanu, ngemuva kokuba owesilisa evuke umbhejezana ngesikhathi isicelo sakhe sesibonelelo sabangasebenzi sika-R350 sinqatshwa.

Ozibonele ngawakhe u-Itumeleng Moroe uthe ubone owesilisa oneminyaka engu-35 ubudala ememeza ethi ufuna imali yakhe, ngaphambi kokuthi acoshe isitini ajikijele amafasitela nezicabha ezakhiwe ngengilasi.

“Owesilisa obethukuthele egane unwabu ucoshe izitini waphihliza isicabha sengilazi emnyango ongenela   ngaphakathi emahhovisi akwa-Sassa ebe ethuka abasebenzi,” kusho u-Itumeleng etshela i-Scrollla.Africa.

“Bekukhona abesifazane abakade bebelethe izingane emhlane, amakhehla kanye nezalukazi. Uthe abakwa-Sassa badlala ngaye njengoba esefike izikhathi ezingaphezu kwezinhlanu.”

Abantu abakade belinde ngaphandle kulayini kudingeke ukuthi babaleke endaweni yesigameko, njengoba izingcezu zezingilazi bezihlakazeke yonke indawo. Kube sekubizwa amaphoyisa akwazi ukubamba umsolwa.

Owesifazane ozibize ngo-Anna wase-Freedom Square, e-Mangaung, uthe ubenovalo lokuthi ingane yakhe eneminyaka emine ingase ilimale.

“Bengikhona ngizolanda imali yesibonelelo sikahulumeni sengane yami. Ngibambe ingane yami isandla ngabaleka. Bengicabanga ukuthi lo wesilisa angagcina esethumba abantu,” kusho u-Anna.

Okhulumela abakwa-Sassa e-Free State uSechaba Shabe uthe akekho olimele.

“Bekungekhona okokuqala ukuthi lo wesilisa evakashele ihhovisi lakwa-SASSA e-Free State. Isenzo salo mlisa senze abantu abakade behambele ukuhlolwa kwezempilo, omama abanezingane ezincane abakade belindele isicelo sesibonelelo sezingane, nezikhulu zasehhovisi ukuba zibaleke zifune indawo yokucasha,” kusho uSechaba.

Abakwa-Sassa baphenya izindleko zomonakalo.

Okhulumela amaphoyisa ase-Parkweg uLieutenant Colonel Thabo Covane uthe umsolwa oboshiwe uzobhekana namacala okucekela phansi impahla.

“Umsolwa uzovela eNkantolo yeMantshi yase-Bloemfontein ngomhlaka-17 kuMasingana,” kuchaza okhulumela amaphoyisa. 

Umthombo wesithombe: FreeStateSassa.

Izihloko zakamuva