Uvukayibambe ufuna ukufakwa kwiKhabhinethi

Celani Sikhakhane

UPhiko Lwentsha lwe-ANC lifuna u-40% wesigungu esiphezulu seqembu elibusayo sibe ngabantu abasha. IKomiti eliPhezulu likaZwelonke eliphelele linamalungu angaphezu kuka-80.

Bafuna kube noNgqongqoshe abasebasha kwikhabhinethi kaMengameli.

UNonceba Mhlauli, ongumgqugquzeli wophiko lwethimba likazwelonke, uthe: “Sifuna iKomiti eliPhezulu likaZwelonke elizomela izibalo zabavoti abasha. Yingakho sifuna ukuthi abayisithupha abaphezulu kwi-ANC kube abantu abasha abazohlala ezikhundleni eziphezulu zomkhandlu othatha izinqumo eziphezulu kwi-ANC.

“Bheka, sizizwa sibukelwa phansi uMengameli uRamaphosa ngokwehluleka ukuqoka intsha kwiKhabhinethi yakhe. Yingakho sifuna ukuthi kwiKhabhinethi, sibe nabammele intsha,” etshela i-Newzroom Afrika.

Ngo-2016 i-ANCYL yaphuma nalesi sinqumo kodwa akwenzekanga lutho ngemuva kokuthi ubuholi bebhodi lomama bukhale ngokuthi abesilisa bazomelwa ngo-20% kwazise abesifazane nabo bafuna u-40%.

Abammele intsha kwi-ANC babe ngaphansi kwengcindezi ngemuva kokuthi amaqembu afana ne-DA kanye ne-EFF athumele abantu abasha abazowammela ePhalamende, abanye baneminyaka engu-20.

Ngo-2017 i-DA yathumela uHlomela Bucwa (24), ePhalamende likazwelonke ngesikhathi uMnu Mkhuleko Hlengwa (26) we-IFP engena ePhalamende.

I-EFF inesibalo esikhulu samalungu asemasha ePhalamende, iningi lawo aseminyakeni engu-30.

Izihloko zakamuva