Uvukayibambe nomsebenzi wokunxenxa amavoti wabasebasha

Lubhalwe nguZukile Majova
Umhleli wezepolitiki

Ubuholi obusha obusanda kukhethwa bophiko lwentsha lwe-ANC bubhekene nomsebenzi onzima emzamweni wabo wokwenza i-ANC ukuthi ihehe abavoti abasebasha.

Uphiko lwentsha ulukaze lusebenze okungenani iminyaka eyisishiyagalombili.

Izinhlaka ezihambisana ne-ANC okubalwa kuzo ne-SA Students Congress ziyachithwa okhethweni lomkhandlu omele abafundi emanyuvesi.

Kule minyaka eyishumi edlule i-Democratic Alliance Student Organisation (DASO) izuze izinhliziyo zabafundi eNyuvesi yaseKapa, enyuvesi yase-Stellebosch, enyuvesi yase-Wits nasezikhungweni zabamnyama njengasenyuvesi yase-Forth Hare.

Abanye abadla ubhedu emanyuvesi nasemakolishi i-EFF Student Command eyahlomula izihlalo eziyisishiyagalombili kwezingu-15 ze-SRC enyuvesi yaseKapa, yadla umhlanganiso enyuvesi yase-Limpopo kanti futhi iyona ephethe enyuvesi yase-Free State, enyuvesi yaKwaZulu Natali e-Westville naseMgungundlovu. .

I-EFFSC iphinde yaba namandla okhethweni lwe-SRC enyuvesi yaseGoli e-Doornfontein nase-Auckland Park Kingsway.

UMengameli osanda kukhethwa we-Youth League uCollen Malatji ungena kulesi sikhundla nesipiliyoni sakhe kanye nezigidi zentsha ezingenawo umdlandla owanele wokubhalisela ukuvota.

Oyilungu lephalamende uMalatji uhola isizukulwane sabaholi be-ANCYL abebesebenzisa amandla abo kwezombusazwe ukufuna izikhundla eziphezulu.

Isikhungo sakhe sibhekene nenkinga yokuba semthethweni njengoba ezinye izifundazwe zophiko lwentsha zithi uMalatji waqokwa ubuholi be-ANC okubalwa kubo uNobhala-jikelele weqembu uFikile Mbalula.

UMbalula uzwakalise ukukhathazeka ngesikhathi echaza ngokusolwa kwakhe ngokufaka isandla semfene kwingqungquthela.

“Akumina onquma ukuthi ngubani ohola uphiko lwentsha; ngagcina ukumbandakanyeka noJulius Malema. Anginalo uvalo kulokhu pho kungani ngizongena ekuholeni uphiko lwentsha lwe-ANC?” Kubuza uMbalula.

UMalatji owathweswa iziqu enyuvesi yaseGoli uzoba nesikhathi esinzima ukuze asize i-ANC ukuthi ikwazi ukulawula iGoli lapho elahlekelwe khona amavoti amaningi kule minyaka eyishumi edlule.

Mancane amathuba okuthi isizukulwane sakhe naso sithole ukuzimela ku-ANC ngemuva kokuthi lolu phiko olwaluholwa uJulius Malema luqinise ukuzimela kwalo kangangokuthi lwaze lwaba nokungaboni ngasolinye nobuholi obuphezulu.

Ngakho-ke akufanele kusimangaze ukuthi ngeke kube khona ukubonakala kwabaholi abasebasha eminyakeni embalwa ezayo.

Esithombeni esingenhla: UMengameli osanda kukhethwa wophiko lwentsha lwe-ANC uCollen Matjila

Umthombo: @MyANC

Izihloko zakamuva