UVerstappen uphinde wazidlela amahlanga enqoba e-Abu Dhabi

Lubhalwe nguRazeen Gutta

UMax Verstappen unqobe ihlandla lesi-19 emijahweni engu-22 kowamanqamu we-Formula One e-Abu Dhabi ngeSonto.

Lo mshayeli wase-Dutch ubezithemba ekuvikeleni kwakhe indawo ye-pole, eshayela ngokucophelela eduze kukaCharles Leclerc esinyathelweni sokuqala ngaphambi kokushiya abanye abashayeli.

Uzakwabo kaVerstappen uSergio Perez uphume endaweni yesibili, kodwa wabekwa endaweni yesine ngemuva kwesijeziso semizuzwana emihlanu ngokushayisana noLando Norris.

UVerstappen unqobe e-Abu Dhabi okwesine kulandelana, okuyithrekhi yakhe yokuqala asephumelele kuyo imijaho emine ilandelana.

Wephule amarekhodi okuwina izikhathi zilandelana (19), unqobe imijaho eminingi ngokulandelana (10), ukuqeda phakathi kwabathathu abahamba phambili (21), isibalo samaphuzu aphezulu (575) kanye nemajini yamaphuzu amakhulu kakhulu okuwina isicoco (290).

“Bekuyisizini emangalisayo. Kuningi obekwenzeka futhi bengigcwele imizwa ngicabanga ukuthi ngiyagcina ukuba emotweni esingenzele okuningi okuhle,” kusho uVerstappen ngemuva komjaho.

“Ngiyaziqhenya kakhulu ngokuwina owamanqamu. Ngibonga kakhulu kwi-Red Bull, impela kube unyaka omangalisayo. Ngeke kube lula ukuphinda okufanayo, kodwa nakanjani siwujabulele kakhulu lo nyaka.”

Njengoba i-F1 iya ekhefini lasebusika, abalandeli bazobe bebala izinsuku kuze kufike isizini ezayo, ezoqala nge-Bahrain Grand Prix ngoNdasa 2024.

Izihloko zakamuva