UVerstappen udle umhlanganiso eSpain

Lubhalwe nguRazeen Gutta

Ukuwina kukaMax Verstappen ngeSonto kusho ukuthi i-Red Bull isiwine amahlandla ayikhombisa emijahweni eyisikhombisa kule sizini – kodwa impi ye-Mercedes izoqinisekisa ukuthi lokho akuqhubeki.

UVerstappen uhole yonke imizuliswano ngempelasonto e-Barcelona njengompetha ovikelayo wawina ngamaphuzu angu-53 edlula uzakwabo uSergio Perez.

Ukuwina ngemizuzwana engu-20 bekuyingqophamlando. Kodwa-ke, impi yazo zonke ezinye izikhundla ikhiqize umjaho othokozisayo ngesikhathi uLewis Hamilton noGeorge Russell bedlula kulayini ukuze batholele i-Mercedes Benz izindawo ezimbili ezihamba phambili nejubane elingcono kakhulu lomjaho kule sizini.

UHamilton ubejabulile ngendlela iqembu lakhe elidlale ngayo futhi ngemuva komjaho ugcizelele ukuthi ubesazimisele kakhulu ukulandela abaholi.

“Umphumela muhle kakhulu eqenjini lethu. Besingakulindele lokhu namuhla ngakho-ke, ngifuna ukwethulela iqembu lami isigqoko nabo bonke ababuyile efomini,” esho.

“I-Red Bull isahamba phambili kodwa sizoqhubeka nokuyijaha. UGeorge wenze umsebenzi omuhle namuhla. I-Red Bull ishesha kakhulu kodwa sisebenza phezu kwalokho njengoba konke sikuthatha kancane kancane.”

“Uma singababamba ekupheleni konyaka lokho kungaba umphumela omuhle kakhulu. Ngisagqugquzelekile angikakanyakaziseki.”

Esithombeni esingenhla: UMax Verstappen

Umthombo wesithombe: @Aperta

Izihloko zakamuva