Uvele waquleka umshayi wesibhakela ngesikhathi bemshaya nge-knock-out

Dylan Bettencourt

Umshayi wesibhakela oqhamuka e-Mexico uJeabette Zacarias Zapata uvele waquleka ngemuva kokuhlulwa emdlalweni wesibhakela owenzeke e-Canada.

Umshayi wesibhakela oneminyaka eyi-18 oqhamuka e-Mexico ukhishiwe eringini waphuthunyiswa esibhedlela ngemuva kokuba abe nokudlikiza ngesikhathi kuwumjikelezo wesihlanu.

I-uppercut eqhamuke esandleni sobunxele salowo aqhudelana naye uMarie Pier Houle uvele washaya uZapata waya kobandayo waquleka.

Uhlale imizuzu eminingana uZapata ngenkathi equlekile ngaphambi kokuba kufike abosizo oluphuthumayo.

“Okwenzeke kuZacaria akujwayelekile neze kumele sithole izindlela zokuthi sikuvimbe kungaphinde kwenzeke” kusho umhleli wemidlalo uYvon Michel etshela i-CBC News ngoMsombuluko.

Lo obelwa nomshayi wesibhakela oqhamuka e-Mexico ubhale isitatimende ku-Facebook wakhe wathi umdlalo wesibhakela uyingozi kakhulu.

“Ukushaya isibhakela umsebenzi wethu esiziphilisa ngawo, kodwa sisuke singaqondile ukulimaza abantu esisuke silwa nabo” kusho uHoule.

Uthe uyathemba ngenhliziyo yakhe yonke ukuthi uzolulama.

“Ngizombeka engqondweni nasemkhulekweni uJeannette kanye nomndeni wakhe” kusho uHoule ku-Facebook wakhe.

I-RACJ, ibhodi elilawula izimboni eziningana, okubalwa kukho ukushaya isibhakela kwi-Quebec e-Canada izophenya ngemuva kokuthatha amagilavu kaHoule ngokusho kwe-Global News.

Umthombo wesithombe: @LaPresse

Izihloko zakamuva