Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
OwayenguSomlomo wasoKhahlamba uMnu Sthembiso Zulu umisiwe esikhundleni sokuba isikhulu kuMasipala ngemuva kokuvulelwa icala lokudlwengula.
UZulu uboshwe ngesonto eledlule njengoba esolwa ngokudlwengula intombazane eneminyaka engu-16 kanti uvele ngaphambi kweNkantolo yeMantshi yase-Bergville ngoLwesithathu.
Unqatshelwe ibheyili kanti icala lakhe lihlehliselwe umhlaka-23 kuMasingana ngonyaka ka-2023.
UZulu wayenguSomlomo, eqenjini le-ANC ngokuhamba kwesikhathi wajoyina i-National Freedom Party kaZanele kaMagwaza Msibi ongasekho.
Kusolakala ukuthi uZulu oseyisikhulu sezemidlalo kulo Masipala ubethutha amantombazane asemancane ewahambisa emdlalweni yama-South African Local Government Association ngoLwezi ngemuva kwalokho washiya wonke umuntu emagcekeni asemakubo, kodwa wasala nentombazane eyodwa.
Izinto zokuhamba bezihlinzekwe nguMasipala ukuze abadlali abaningi labo okuyintsha behambele le midlalo.
UZulu kuthiwa wadlwengula le ntombazanyana okwakuyintombi nto ebisanda kuhambela uMkhosi woMhlanga obuseNdlunkulu esigodlweni saseNyokeni obusingathwe iSilo Samabandla uMisuzulu kaZwelithini, ngoMandulo.
NgoLwesithathu ngesikhathi evela eNkantolo amantombazane asemancane izingane zesikole kanye nabesifazane bafike ngobuningi babo befisa ukuthi uZulu anganikwa ibheyili.
Ikhansela lasoKhahlamba uMnu Nathi Mthethwa uthe: “Siyajabula ukuthi iMantshi izwile izikhalazo zethu zokuthi uZulu angayitholi ibheyili ngoba intombazane ihlukumezekile ngenxa yalesi sigameko futhi umsolwa wantshontsha ubumsulwa bayo.”
UMnu Nkosingiphile Malinga ongumphathi kaMasipala wasoKhahlamba uthe uZulu umiswe ngeledlule emsebenzini ngamacala amaningi okungaziphathi kahle.
UZulu uzowuthola wonke umholo wakhe ngesikhathi esamisiwe. Akavumelekile ukuthi alubhade emahhovisi kaMasipala.
Incwadi ayithunyelelwe nebonwe ngabakwa-Scrolla.Africa ithi isigameko senzeke ngomhlaka-30 kuLwezi.
UThabisile Njoko obehola umbhikisho enkantolo utshele i-Scrolla.Africa ukuthi ababhikishi bazizwe benamahloni futhi bedinwe ukuthi intombazane idlwengulwe ngesikhathi izwe ligubha umkhankaso wezinsuku ezingu-16 zokulwisana nokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane.
Uthe uma uZulu etholakala enecala bafuna ajeze ngesigwebo esinzima.
Osesithombeni esingenhla owayenguSomlomo kuMasipala wasoKhahlamba uSthembiso Zulu
Umthombo wesithombe: Midlands News