Uvaveva umphakathi ngokudedelwa kombulali

Zukile Majova

Uhlalele ovalweni umphakathi waseMaxesibeni ngemuva kokuba owesilisa owabulala umfanyana ngoba entshontsha ummbila enikezwe ibheyili iNkantolo yeMantshi yase-Mt Ayliff.

UMabilisa Mpakumpaku unikezwe ibheyili ka-R2,000 ngaphezu komsindo omkhulu womphakathi ngaphandle kweNkantolo ngesonto eledlule.

Lesi sinqumo sephule isivumelwano phakathi kwamaphoyisa nomphakathi wendawo ngemuva kokuthi amaphoyisa esebenzise isisi esikhalisa unyembezi aphinde adubula nezinhlamvu emoyeni ukuze ahlakaze isixuku ebesigcwele ngaphandle kweNkantolo ngomhlaka-12 kuNhlaba. 

Leli cala lisukela esigamekweni esenzeka emasontweni amabili edlule lapho abafana abahlanu ababelambile bantshontsha ummbila.

Okubi ukuthi bantshontsha ensimini kaMpakumpaku oneminyaka engu-61 ubudala okungowesilisa osatshwayo endaweni.

UMpakumpaku umangaze abafana ngesikhathi edubula uSiphesihle obeneminyaka engu-15 washonela khona lapho. Iwele lakhe nalo beliyingxenye yokwebiwa kommbila.

Uyise womfana uMaziba Sishiqi wasesigodini sase-Mvalweni uthe abafana bahambe ekhaya beyozingela.

“Mina noMpakumpaku sikhule ndawonye ulingana nami. Okungizwise ubuhlungu kakhulu ukuthi umndeni wakhe awufikanga ngisho emndenini wami ukuzoxolisa njengoba kwenza omakhelwane esimweni esifana nalesi,” kusho uSishiqi.

Ngesikhathi inkantolo ikhipha ibheyili ababhikishi bagasele eNkantolo bezama ukungena ngesango elikhiyiwe bavimba nokuphuma kweveni yamaphoyisa obekukhona uMpakumpaku eyiswa ezitokisini.

UJojo Jojo weforamu yabesilisa bendawo uthe “asihambisani neze nesinqumo seNkantolo. Lo wesilisa naye wake waba ngumfana wasemakhaya futhi uyazi ukuthi abafana bagangile basuke bengaqondile okubi.”

Icala likaMpakumpaku lihlehliselwe uNhlangulana ngomhlaka-27 ukuze kuqhutshekwe nophenyo lwamaphoyisa.

Ngalo lolo suku owesilisa oneminyaka engu-23 obhekene necala lokudlwengula intombazane eneminyaka engu-16 ngemuva kwalokho wayikhipha amehlo ngosuku lwephasika uvele enkantolo efanayo.

Icala lomdlwenguli lihlehliselwe  umhlaka-20 kuNhlaba kanti umphakathi ufunge wagomela ukuthi uzobuyela enkantolo ngobuningi.

Scrolla World Cup Quiz