UVan Gaal noMessi bazobhekana okokugcina kweyoMhlaba 

Lubhalwe nguDylan Bettencourt

Umqeqeshi we-Netherlands uLouis van Gaal kanye nesihlabani sase-Argentina uLionel Messi bazobhekana nemidlalo yokugcina yeNdebe yoMhlaba ngoLwesihlanu ngezizathu ezimbili ezihluke.

Ekuqaleni konyaka kuvele ukuthi uVan Gaal uphethwe umdlavuza wesinye, kodwa uzoqeqesha iqembu lase-Netherlands e-Qatar.

Lowo owake waba umqeqeshi we-Manchester United uphinde waveza ukuthi ukugcine kuyimfihlo ukuphathwa yilesi sifo ukuze agweme ukuphatheka kabi kwabadlali bakhe.

“Ngicabanga ukuthi awubatsheli abantu osebenza nabo into ekanjalo ngoba kungase kube nomthelela ezinqumweni zabo,” kusho uVan Gaal ngesikhathi ememezela ukugula kwakhe ekuqaleni kwalo nyaka.

“Umdlavuza wesinye awubulali, okungenani ucwaningo luthi kuno-90% wokungashoni kwabantu ngenxa yalesi sifo. Imvamisa kuba ezinye izifo ezicashile ezikubulalayo. Kodwa nginomzimba onamandla, futhi ngakhishwa igciwane amahlandla angu-25. Ngakho kunendlela yokuziphatha ezokusiza ukuphila impilo ende.”

KuMessi ukuba neminyaka engu-35 kusho ukuthi mancane amathuba okudlala kwiNdebe yoMhlaba elandelayo ngo-2026.

UMessi uzobe eneminyaka engu-39 ubudala ngesikhathi kuqala umqhudelwano olandelayo ozosingathwa ngokuhlanganyela iMelika, i-Mexico kanye ne-Canada.

Naye lo mdlali ushilo ukuthi iNdebe yoMhlaba ese-Qatar izoba ngeyokugcina azodlala kuyo.

“Nakanjani lena kuzoba iNdebe yoMhlaba yokugcina engizodlala kuyo. Sengisithathile isinqumo. Sengibala izinsuku. Kunokukhathazeka okuncane kanye nokudumala ngesikhathi esisodwa,” kusho lo mdlali we-PSG ekuqaleni kwalo nyaka.

Ngakho-ke, izindaba zangaphandle kwenkundla zengeza umfutho olindelekile uma laba ababili sebebhekeneezinhlamvini zamehlo ngoLwesihlanu ebusuku ngehora lesishiyagalolunye.

Emidlalweni emibili edlule la maqembu agcine ebambene ngo 0-0 kodwa ngoLwesihlanu kumele kube khona iqembu elizowina elizongena emaqenjini amane ahamba phambili.

Iqembu elizowina lizokwazi ukuthi lizobhekana naliphi iqembu kowandulela owamanqamu njengoba i-Brazil ne-Croatia zizodlala ngaphambi kwehora lesihlanu ntambama.

Esithombeni esingenhla: ULionel Messi noLouis van Gaal

Umthombo wesithombe: @talkSPORT

Izihloko zakamuva