Lubhalwe nguMashudu Mabila
Njengoba ukuhweba ngamazinyo endlovu kuvinjelwe emazweni amaningi abazingeli abangekho emthethweni manje sebehlasela izimvubu ukuze bathole amazinyo azo.
Izimvubu sezibalwa njengezilwane ezisengozini yokushabalala, zibulawa abazingeli ngokungemthetho ngenxa yemingcele yokushushumbiswa kwamazinyo ezindlovu iphinde izivikele ngokusho kwabakhankasi bezilwane zasendle asebexwayisa ngemiphumela engase ibe mibi ezilwaneni ezibaliwe.
Njengamazinyo endlovu, amazinyo emvubu avame ukusetshenziselwa ukuhlobisa futhi athengiswa ngentengo eshibhile ngakho kulula futhi ukuwathola.
Ngonyaka odlule ngoNhlangulana i-UK yamemezela ukuvinjelwa cishe ngokuphelele kokuhweba ngamazinyo ezindlovu.
Ngokushesha ngemuva kwalokho ngoMandulo i-Born Free okuyinhlangano esiza ngezilwane zasendle yamazwe ngamazwe, yakhipha umbiko wombhali wayo ophambili uFrankie Osuch ephawula ngokuthi bathole ukwanda kokuhwebelana ngamazinyo ezindlovu e-UK phakathi nenyanga ngemuva kokwethulwa kokuvinjelwa ngokuhwebelana ngamazinyo ezindlovu.
“Lokhu bekuhlobene kakhulu nobufakazi bokwanda kwesidingo samazinyo ezindlovu nezimvubu njengoba namanani azo asevele ehla futhi asengozini enkulu,” kusho lo mbiko.
Phakathi kuka-1975 no-2017 amazinyo ezimvubu angu-770,000kg aqoshwa njengathengiswa ngokusemthethweni. Kodwa kukhona nokuhweba okungekho emthethweni. Ngo-2020 amazinyo emvubu ayephakathi nezinye izingxenye zezitho zomzimba zezilwane ezincelisayo nezivame ukuyiswa e-EU ngokusho kombiko we-European Commission.
Ucwaningo olwenziwe i-International Union for Conservation of Nature ngo-2016, lulinganisela ukuthi inani lezimvumbu emhlabeni liphakathi kuka-115,000 no-130,000 kanti kwehle ngo-30% kusukela ngo-1994.
Amazwe ayishumi eNtshonalanga naseNkabeni ye-Afrika athi izibalo bezilokhu zehla kakhulu ngenxa yokuzingela ngokungemthetho kanye nokucekelwa phansi komhlaba.
Izimvubu ngokwemvelo zinezinga eliphansi lokuzala, zikhiqiza inzalo eyodwa kuphela ngemuva konyaka. Ngakho-ke ukuncipha kwenani lezimvubu ngaphandle kokungabaza kuzoba nomthelela isikhathi eside.
Isithombe esingenhla: Imvubu
Umthombo wesithombe: BBC NewsBali Safari Park