Uvalo ngeyomhlaba yesithathu i-Russia ihlasela i-Ukraine

CREATOR: gd-jpeg v1.0 (using IJG JPEG v62), quality = 75

Dylan Bettencourt

UMengameli wase-Russia uVladmir Putin ujube amasosha akhethekile ukuthi ayohlasela i-Ukraine, okuyisenzo esiqubula uvalo ngokuthi kungase kubheduke impi yomhlaba yesithathu.

Ngemuva kwenkulumo emfishane kaPutin, kuzwakale ukuqhuma okukhulu enkabeni yedolobha yase-Ukraine, i-Kiev, obekubonisa ukuzimisela kwe-Russia nokubhedla lempi,  abaningi abesaba ukuthi ingase isuse impi enkulu e-Europe.

Ngesikhathi esabisa amazwe awumfelandawonye ase-Europe, i-North Antlatic Treaty Organasation (Nato), uPutin uthe: “Kunoma ngubani ocabanga ukugxambukela wangaphandle, uma wenza njalo, uzobhekana nomphumela onzima osake wawubona emlandweni kanto futhi isinqumo sesithathiwe. Ngiyethemba niyangizwa”.

Amadolobha amaningi aseduze kwe-Ukraine ezwe ukuqhuma okukhulu njengoba ukuhlasela kwe-Russia ezindaweni eziseMpumalanga yezwe kuqhubeka.

Samsung Galaxy 14G

UNgqongqoshe Wezangaphandle e-Ukraine uDmytro Kuleba uthe: “ I-Ukraine ibhekene nokuhlaselwa okukhulu wengeza ngokuthi umhlaba kumele uthathe isinyathelo ngokukhulu ukuphuthuma.”

UMnyango Wezangaphakathi e-Ukraine ubike ukuthi bahlaselwa ngemicibisholo ekhafula umlilo.

Okokuqala ngqa kusukela ngo-1941, kuzwakale ukukhala komsindo obika ukuhlaselwa ngezindiza phezu kwenkaba yedolobha yase-Kharkiv.

Izikhulu zase-Ukraine ziqinisekise ngoLwesine ekuseni, ngemuva kwamahora ambalwa kuqale ukuhlasela ukuthi amakhulu amasosha azo kungenzeka ukuthi abulewe.

Amasosha ase-Ukraine nawo akuqinisekisile ngehora lesishiyagalombili ekuseni ukuthi adubule izindiza zempi ezinhlanu zase-Russia kanye nendiza enophephela emhlane.

UMengameli waseMelika uJoe Biden uthe: “I-Ukraine isekelwa umhlaba wonke kulesi sikhathi sokuhlaselwa i-Russia okukhombisa uchuku nendelelo.

“I-Russia izobhekana namacala obugebengu obubhekiswe ebantwini,” kusho uBiden, wasabisa ngokuthi iMelika 

namadlelandawonye wayo azophindisela.

Ngenxa yalokhu kuhlasela, imali yaseRussia yehle yafika ezingeni eliphansi kakhulu kusukela ngonyaka ka-2016, kanti amazwe amaningi azolinswiya lelizwe.

Umthombo wesithombe: @Atalayar

Scrolla World Cup Quiz