Uvalo ngeSundowns engaphinde ithathe isicoco se-PSL 

Lubhalwe nguMichael Madyira

Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uRhulani Mokwena unqabile ukuvuma eyokuthi umkhankaso wesicoco se-Premier Soccer League (PSL) usuphelile.

Iqembu le-Sundowns lijabulele igebe lamaphuzu ayisikhombisa okulenza libe phezulu esicongweni ngemuva kokusebenza kwalo kanzima okusize ukuwina iligi amahlandla ayisishiyagalombili elandelana.

Ngemuva kokunqoba kwakamuva ngoLwesibili ngesikhathi behlula iSwallows FC ngamagoli amabili eqandeni, umqeqeshi weSwallows u-Ernst Middendorp uphakamise ukuthi umkhankaso weSundowns usuphelile.

Kodwa uMokwena uwuchithile umbono kaMiddendorp wathi le inkulumo nje, asikho isicoco esinganqotshwa ngoMasingana.

“Ngiyamhlonipha kakhulu umqeqeshi u-Ernst nemibono yakhe, kodwa kusemasinyane ukuthi singasho ukuthi iligi izobheka ngakuphi ngoba luselude uhambo okusamele luhanjwe,” kusho uMokwena ngemuva komdlalo.

“Asikho isicoco seligi esake sanqotshwa ngoMasingana kusenemidlalo eminingi kangaka. Ukuhlula iSwallows bekubalulekile njengoba kuyiqembu elinzima kakhulu. 

“Besikulindele futhi sakhuluma ngakho ngisho naphambi kwabezindaba sathi kuzoba nzima impela, kodwa le imidlalo ekusizayo ukuze ugcine unqobe izicoco.”

Okungase kube nomthelela emazwini kaMiddendorp ukuthandwa kweSundowns okukhona manje okuyindlela efanayo yokwenza ibhizinisi esilethe izicoco ezinhlanu zeligi zilandelana.

Phezu kokuba ibhekane nokulimala kwabadlali ngisho nangemva kwekhefu le-Fifa World Cup ka-2022, iSundowns isalokhu ikhombise njalo ukujula eqenjini layo.

Kodwa uMokwena uthe basazohlonza izindawo abazoziqinisa kuleli windi lokudayiselana ngabadlali kuloMasingana nakuba eveza kancane ukuthi bangase baqinise kakhulu kubagadli babo.

Njengamanje babhekene nobunzima ngenxa yokulimala kukaPeter Shalulile, u-Abubeker Nasir, uThabiso Kutumela noLebohang Maboe.

“Yebo sihlezi sibheke ukuthuthukisa isikwati sethu. Sinenhlanhla yokuthi sinokuvumelana nezimo nabadlali bethu,” kusho uMokwena.

“Impela sizobheka izindawo eqenjini sizame ukubona ukuthi singathuthuka noma cha futhi uma sibona kushoda kubagadli bethu sizobe sesizama konke okusemandleni ethu ukuvala leso sikhala. 

“Kodwa iwindi lokushintshana ngabadlali likaMasingana liyimakethe enzima kakhulu ngoba asikho nesikhathi sokuzijwayeza nabadlali, kodwa kungenzeka kube khona okuthokozisayo okungase kuqhamuke ngakho-ke asilinde sibone.”

ISundowns izobheka e-Richards Bay ngoLwesihlanu njengoba ibheke ukuqeda ishobolo lokunqoba imidlalo eyisishiyagalolunye.

Osesithombeni esingenhla: URhulani Mokwena

Umthombo wesithombe: Mamelodi Sundowns

Izihloko zakamuva