
Moyahabo Mabeba
Kunegciwane elingaziwa elehlasele isigodi sase-Limpopo, elibulala izinkukhu nezinyoni.
Izakhamizi zasesigodini sase-Ga-Sekgopo eMpumalanga ye-Polokwane bathi bathukile kulandela ukuqubuka kwegciwane elibulala izinkukhu zazo kusukela ngesonto eledlule.
UBenjamin Rasethapa, ongumfuyi wezinkukhu, uthe akakwazi ngisho ukulinganisa isibalo sezinkukhu ezimlahlekele kusukela kuqubuke leli gciwane ngomhlaka-4 kuNhlolanja.
“Selokhu kuqubuke leli gciwane izinkukhu zethu zifa ngobuningi mihla namalanga. Namanje sisashaqekile ngoba lento ayikaze yenzeke esigodini sangakithi. Sike sabuza abadala ukuthi banalo yini ulwazi ngalokhu kodwa basitshela ukuthi akukaze kwenzeke,” kusho uBenjamin.
UBenjamin uthe bathuke kakhulu ngesikhathi bevula izisu zezinkukhu bethola izikelemu ngaphakathi.
“Cishe bekukhona izikelemu yonke indawo ezithweni zangaphakathi zomzimba. Bekusabisa ngoba asikaze siyibone into enje”.
NgoLwesibili izinyoni ezimbili ziwe zisuka epulangweni likagesi zafa ujuqu ezinyaweni zikaBenjamin obehlezi ngaphansi kwesihlahla.
Uye wafikelwa umcabango wokuthi azivule izisu. Bekukhona izikelemu ezifana nalezi azithole ezinkukhwini.
Abahlali balahle izinkukhu emfuleni oseduzane ukuze zikhukhulwe ngamanzi agelezayo.
UCollins Maake uthe udle enye yezinkukhu ezifile manje usekhathazekile ngokuthi uzogula.
“NgeSonto, ngidle izingxenye zalezi zinkukhu kodwa hhayi amathumbu. Bekuyisidlo esimnandi sangempelasonto. Kuze kube namuhla angikaze ngizwe lutho olusolisayo esiswini sami. Mhlawumbe izimpawu zisazoqhamuka futhi lokho kungenza ngibe novalo,” usho
“Lokhu kufa kwezinkukhu kuthuse abantu abaningi futhi manje kungenza ngikhathazeke.”
Okhulumela uMnyango wezoLimo, amaHlathi nokuBuyiswa koMhlaba e-Limpopo, uJoshua Kwapa, uthe ithimba lochwepheshe selithunyelwe kulesi sigodi ukuyophenya ngembangela yokubheduka kwaleli gciwane.
“Siluthathela phezulu lolu daba ngoba ukufuya izinkukhu kuyingxenye yohlelo lwethu lokuhlinzeka ngokudla. Ososayensi bethu bazophenya ngomsuka wokuqubuka kwaleli gciwane futhi sizokwenza okufanele uma sekuphele uphenyo,” kusho uKwapa.