Uvalo luyakhula njengoba imvula enamandla ihlasele iTheku

Celani Sikhakhane

Njengoba izimvula ezinamandla ziqhubeka nokuna eThekwini, uvalo luyakhula ngokuphepha kwemiphakathi yakhona engasogwini.

Imvula enamandla vele isidale ukuqhuma kwepayipi elikhulu lokudonsa amanzi e-La Mercy ngoMsombuluko ebusuku, izikhukhula eziholele ekuweni komgwaqo oseduze zacekela phansi nomndeni owodwa.

Okhulumela umasipala weTheku uMsawakhe Mayisela uthe umhlaba osezindaweni ezisogwini ugcwele amanzi okungadala ukuthi kuwe ezinye izindlu.

“Njengamanje sisabheka isimo e-La Mercy ngemuva kwesigameko esiholele ekubhidlikeni komgwaqo nempahla. Siphinde sinxuse imiphakathi ukuthi iqaphele kakhulu ngoba noma yini ingenzeka ngenxa yemvula enamandla,” kusho uMayisela.

Umndeni onomuzi obhidlikile kudingeke ukuthi ukhishwe kule ndawo ngamavolontiya endawo bese wayiswa endaweni yokukhosela.

Umonakalo odalwe yizimo zezulu ezimbi kakhulu uya ngokwanda ngalesi sikhathi sonyaka emiphakathini esogwini ezweni lonke.

Imiphakathi yaseMlazi yasala dengwane ngowezi-2018 ngemuva kokuwa kwezindlu zayo ngenxa yemvula enamandla, ngenkathi izakhiwo zikhukhulwa yiziphepho ezinkulu eManzimtoti ngawo lowo nyaka.

NgoZibandlela ngowezi-2019, abantu abathathu balahlekelwa yimiphefumulo yabo ngemuva kokuwa kwezindlu zabo eNanda ngenxa yemvula enamandla.

Izihloko zakamuva