Dylan Bettencourt
Isibhedlela iChris Hani Baragwanath e-Soweto, isibhedlela sesithathu ngobukhulu emhlabeni singase singabi nayo imibhede eyanele ukumelana negagasi lesine elizayo.
Isikhulu esiphezulu kulesi sikhungo, uDkt Nkele Lesia, usezwakalise ukukhathazeka ngokuthi kungenzeka angabibikho amandla anele okubhekana negagasi lesine nakuba uMnyango Wezempilo eGoli uthi kunemibhede eyizi-5 000 yokulalisa abantu abaphethwe i-Covid-19.
Ngokuhambisana nomthamo wemibhede, uMnyango uthe basebenzisa isu elilungisiwe lokufuna ulwazi ngesidingo.
“Sisebenzise imibhede yokuhlinza, ikakhulukazi ngesikhathi segagasi lokuqala. Ngesikhathi kuvalwa utshwala, kwakugcwele ewodini labahlinzayo. Amandla ethu ayancipha kakhulu ngoba sibhekene neziguli ebezizoya eCharlotte Maxeke, kodwa manje seziza kithi.,” kusho uDkt Lesia.
ULesia uthe ezinye izinto nezigameko zizoba nomthelela ekutheni isibhedlela singakwazi ukumelana nazo ngesikhathi sikaZibandlela njengoba izigameko zokuhlukumezeka zanda kakhulu noma ngabe ukuthengiswa kotshwala kuvaliwe noma cha.
Isibhedlela i-Baragwanath, esinemibhede eyizi-3,200 nabasebenzi abangaphezu kwabayizi-6,500, sithwale kanzima ukubhekana ne-Covid-19 esikhathini esedlule ikakhulukazi ngesikhathi segagasi lesibili ngoZibandlela wowezi-2020.
USolwazi uSalim Adbool Karim, uchwepheshe waseNingizimu Afrika Wezempilo eMiphakathini uthe balindele ukubona abantu abasha ababalelwa kwabayizi-10,000 abatheleleke nge-Covid-19 ekupheleni kwesonto.
Uthe ukubhebhetheka okuphezulu kwe-Omicron kuzoholela ekutheni kwande ukuthelelana kanye nokulaliswa kwabantu esibhedlela, futhi kuzofaka izibhedlela ingcindezi ezweni lonke.
INingizimu Afrika iqophe ukuthelelana okusha kwe-Covid-19 okuyizi-2,273 mhla zingama-29 kuLwezi kanti abantu abangama-25 babulawa yileli gciwane kanye nabayizi-2,328 sebebonke abasesibhedlela abaphethwe igciwane le-corona.
Umthombo wesithombe: @BusinessLive