Linda Ximba
Kuxwayiswa izakhamuzi ezakhelene nepaki ebizwa nge-Isimangaliso Wetland eMtubatuba enyakatho ne-KwaZulu-Natal ukuthi bagweme ukuyodoba e-St Lucia ngemuva kokuthi imvubu ihlasele owesifazane ngempelasonto washona.
Kubikwa ukuthi uHlengiwe Kubheka obeneminyaka engu-43 ubehambe nesoka lakhe beyodoba ngesikhathi besalindele ukudoba inhlanzi kuqhamuke imvubu.
Umthombo osondelene noKubheka uthe: “isoka lizamile ukulwa ne mvubu kodwa lahluleka. Ukhale ecela usizo, kodwa abantu abebeseduze bebesaba ukusondela endaweni yesigameko.”
Lesi isigameko sesibili ezinyangeni ezimbili. NgoNhlangulana owesifazane oneminyaka engu-59 ubudala naye wabulawa imvubu ngesikhathi evuna incema esetshenziselwa ukwenza amacansi.
Kwenye indawo kule paki ebizwa nge-Lake St. Lucia kugcwele izimvubu, izingwenya, izinyoni ezibizwa ngama-pelicans nama-flamingo.
Induna uPhilangenkosi Mantengu ugxeke abantu bakule ndawo ngokushaya indiva izexwayiso zeziphathimandla zesiqiwi ezihlale zikhipha izexwayiso eziqinile mayelana nokungena ngokungemthetho ezindaweni ezithathwa njengeziyingozi.
“Kodwa phezu kwayo yonke le mizamo abantu bakithi bayanyonyoba ebusuku. Kwesinye isikhathi bayaphoqeleka ukuthi badobe ngenxa yobubha,” kusho uMantengu.
“Okubakhathazayo ukuthi baze basebenzise izikebhe zokuzakhela ezingaqinile. UNkulunkulu kuphela owaziyo ukuthi yini engenzeka uma kwenzeka ingozi.”
Udadewabo kaHlengiwe uThembisile Kubheka uthe okucasule umndeni ukuthi isoka likadadewabo alizange liwazise ngale nhlekelele. Baze bezwa ngakho ngemuva kosuku.
UMnu Bheki Manzini okhulumela ipaki i-Isimangaliso uthe lesi siqiwu sinezindawo eziqokiwe zokudoba, kodwa babhekene nenselelo yokuthi abantu bangene ngaphandle kwemvume.
“Sivakashele umndeni othintekile sihambisana neMeya yaseMtubatuba,” kusho uManzini. “Sobabili sizibophezele ukuthi sizolekelela ngezindleko zokungcwaba.”