Uvalo kutholakala izidumbu ezine zozama zama

Doreen Mokgolo

Zisabela impilo yazo izakhamizi zase-Ekurhuleni ngemuva kokuthi kutholakale izidumbu ezine zabavukuzi basemayini ababulewe zibekwe zalandelana.

Amaphoyisa athole izidumbu zezisulu emgwaqeni obizwa nge-Snake kulandela ukuncinzwa kwawo indlebe.

Isakhamuzi sase-Benoni uStella White sichaze ukuthi ukutholakala kwezidumbu osekusematheni ezweni lonke akumethusanga njengoba abantu abaningi bebulawa ezimayini ezingasasebenzi mihla namalanga.

“Imini nobusuku sizwa ngokuqhuma okuvela ezimayini ezishiywe dengwane kwesinye isikhathi sizwa sengathi sihlala endaweni yempi.”

Esinye isakhamuzi ugogo Mahlaola uthe unovalo lokuthi ngelinye ilanga udonga lwendlu yakhe luzodilika phezu kwabo belele.

“Umuzi wami ugcwele iminkenke futhi angazi ukuthi ngizobikela bani kuphi futhi. Laba bantu asikaze sibabone ebusweni sizwa nje ngobukhona babo.”

Uqhube wathi uma amaphoyisa ezulazula endaweni angakwazi ukubaxosha abavukuzi abangekho emthethweni.

“Lokhu ngeke kuhlomulise izakhamuzi kuphela kodwa kuzosindisa nakubavukuzi abangekho emthethweni njengoba besebenzisa iziqhumane eziyingozi,” kuchaza uMahlaola.

Bafuna ukuthi amaphoyisa ahlale ezulazula ezimayini ezishiywe dengwane ukuze alwe nabavukuzi abangekho emthethweni.

Okhulumela amaphoyisa ase-Gauteng uLieutenant Colonel Mavela Masondo ukuqinisekisile ukuthi baqale uphenyo.

Abashonile kusolwa ukuthi babengabavukuzi abangekho emthethweni abasebenza emayini engasasetshenziswa.

“Kuvulwe idokodo lophenyo ukuze kuphenywe kwenziwe nokuhlolwa kwesidumbu ukuze kuqinisekiswe imbangela yokushona.

“Izidumbu bezingakahlonzwa futhi namanje akwaziwa ukuthi bangobani kodwa kusolwa ukuthi ngabavukuzi basezimayini abangekho emthethweni.”

Izihloko zakamuva