Uvalo kushona onogada bomholi wentsha ye-IFP ngendlela engaqondakali

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

Uhlalele ovalweni uNobhala-Jikelele wophiko lwentsha lwe-IFP kuzwelonke uMnuz Mlungisi Mabaso ngemuva kwesigameko sokushona konogada bakhe belandelana beshiyana ngezinsuku ezintathu ngendlela engaqondakali.

Onogada bakaMabaso okunguMnuz Phakamani Madinana wakwaHlabisa noMnuz Sebenzani Cele wakwaMaphumulo bashone ngeSonto eledlule. Kuthiwa uMadinana ukhale ngesisu wase ephuthunyiswa esibhedlela lapho afike washonela khona.

Kuthiwa kusolwa ukuthi ufakelwe ushevu ongujuqu ngendlela ashone ngayo.

Kuthe kungakapheli izinsuku ezintathu kwatholakala isidumbu sikazakwabo uCele okuthiwa isidumbu sakhe sitholwe sinamanxeba okudutshulwa silahlwe ehlane e-Soweto.

UMabaso utshele iScrolla.Africa ukuthi udidekile ngoba akazi ukuthi kwenzakalani.

“”Ngididekile ukuthi bekuyini inhloso yokubulawa kwabo ngale ndlela engaqondakali. Lento inakho ukungithusa ngoba ngilulekwe ukuba ngingayi emngcwabeni wabo. Isizathu ukuthi uma kunguwuthi kufuneka mina, sekungabalula ukuthi ngicuthelwe emngcwabeni. Kodwa mina angeke ngikwazi ukungayi emngcwabeni wabo ngoba laba bantu bengisebenza nabo futhi besebefana nabafowethu kimi. Ngikhuluma nje ngiyile emngcwabeni kaMadinana kwaMaphumulo obungoMgqibelo esisuka kuwo. Kulo Mgqibelo esiya kuwo ngizoya emngcwabeni kaCele. Phela akuzozwakala kahle uma sengingasaveli nhlobo ekubeni besisebenza ndawonye,” kusho uMabaso.

Ngesikhathi i-Scrolla.Africa sixoxa naye emahhovisi e-IFP eThekwini, ubebonakala ukuthi akasiye loMabaso ovamise ukubonakala ekhululekile.

Uthe yena akazazi enezitha futhi akakaze asatshiswe ngakho usamangele ukuthi kwenzakalani.

Umthombo okhulume ne-Scrolla.Africa uthe uvalo abanalo elokuthi kungenzeka ukuthi kunabantu abebezama ukugwazela onogada bakaMabaso ukuze babasize abulawe kodwa behluleka.

“Kungenzeka ukuthi labo nogada kube khona abazame ukubathenga futhi sebebatshele konke ukuze kusocongwe uMabaso kodwa benqaba. Nokungaba ukuthi ababulali babonile ukuthi labo nogada bazobadalula basebebona kungcono bababulale. Yikho besithi akangayi emngcwabeni ngoba yilapho abangamthola kahle khona. Sinovalo impela manje ngempilo kaMabaso,” kubalisa umthombo. 

UMabaso ubeyilungu lekomiti lemeya elibhekelela izindlu emkhandlwini kamasipala waseGoli kodwa kuthe uma kunyakaziswa isigungu sakhe ebesiholwa uDkt Mpho Phalatse njengeMeya baphuma emandleni.

Kuyimanje uMabaso uyikhansela elejwayelekile le-IFP khona eGoli.

Izihloko zakamuva