Uvalo kuquleka owoKhozi emoyeni

Linda Ximba

Kube nokwesaba kanye nokukhathazeka kubalaleli kanye nakozakwabo ngesikhathi umsakazi woKhozi FM uBheka “BK” Mchunu eqeda uhlelo lwakhe lwasekuseni isigubhukane ngoMgqibelo.

UMchunu uphethe uhlelo Ulozolo olungena ngehora lesikhombisa ekuseni luze luphele ngehora lesishiyagalolunye ngaphambi kohlelo lukamaskandi iSigiya Ngengoma.

Lo DJ ubephakathi nohlelo ngesikhathi equleka. Kuphoqeleke ukuthi abadidiyeli badlale umculo maphakathi nohlelo kanti lokho kushiye abalaleli bedidekile.

Umthombo othembekile okhulume ne-Scrolla.Africa ongathandanga ukudalulwa uthe: “Kuthuke wonke umuntu ngesikhathi uBK ephelelwa umoya equleka esihlalweni. Izihambeli ebezilapho ziye zamsiza futhi ngenhlanhla abasebenzi bosizo lokuqala baye bafika ngokushesha bamsiza. Asazi ukuthi kwenzekaleni ngempela kodwa kube into edabukisayo ukumbona ekuleso simo.”

Omunye umthombo uqhube wathi umndeni wakhe ufike ngokushesha wathatha imoto yakhe.

Kuyacaca ukuthi bekungekona okokuqala uMchunu ehlaselwa yilesi sifo esingaqondakali. Ngesikhathi esajwayele ukwenza uhlelo lwaphakathi nesonto kwenzeka okufanayo kodwa wakwazi ukuthi asheshe aphaphame.

“Siyethemba ukuthi uzolulama aphinde aqhubeke nomsebenzi wakhe ngoba ungomunye wosomahlaya abahlonishwayo nabathandwayo kulo msakazo,” kusho umthombo wakwa-SABC.

Okhulumela i-SABC uGugu Ntuli, uthe ngeke achaze kabanzi ngesigameko kodwa usiqinisekisile. “Kungene uLucky Nkosi esikhundleni sakhe,” kusho uNtuli.

Izihloko zakamuva