Uvalo kugwazana abafundi bebanga isigqoko esintshontshiwe

Lubhalwe nguDoreen Mokgolo

Kugwazane inqwaba yabafundi empini yezinsuku ezintathu equbuke ngesikhathi kubangwa isigqoko esebiwe phakathi kwamaqembu amabili ezigelekeqe esikoleni samabanga aphezulu KwaThema, e-Springs.

Le mpi iqubuke ngoLwesithathu ntambama ngesikhathi amalungu eqembu lezigelekeqe iMbutho afunda eNkambulo Senior Secondary eseduze namahostela, ehlasela amalungu eqembu leKaufela afunda ePhulong Senior Secondary eqhele ngamakhilomitha ayishumi kuleli lokishi.

Kusolwa ukuthi ilungu leqembu leKaufela lintshontshe isigqoko selungu leqembu iMbutho. Amalungu ezigebengu zeqembu iMbutho alinde izimbangi zawo ngaphandle kwamagceke esikole – kwaqala impi.

Abafundi abathathu bathole ukulimala kanzima kwadingeka ukuthi baphuthunyiswe esibhedlela,

Le mpi iqhubekile ngoLwesihlanu ntambama njengoba amalungu ezigebengu ebesabisa abafundi abebengofakazi balesi sibhicongo.

Umzali, uSonia Mahlangu uthe ngesikhathi  ebona intukuthelo nesihluku kuliwa, ubecabanga ukuthi abafundi bazobulalana bodwa.

“Bebengathukile ngisho igazi seligobhoza, benqaba nokuzwa uma sibakhuza size sasizwa ngamalungu onogada bamaphoyisa omphakathi,” usho kanje.

Umqondisi wesifunda sase-Ekurhuleni East, uMnuz Somikazi Chabalala ukuqinisekisile ukuthi izigcawu zokuqondiswa kwezigwegwe seziqaliwe isikole.

“Uma seziqediwe kuzobe sekulandelwa izijeziso ezifanele.

“Yize impi ibingaphandle kwamagceke esikole abafundi bebesawugqokile umfaniswano wesikole,” usho kanje.

NgoLwesihlanu abazali baphoqeleke ukuthi baphelezele izingane zabo uma ziya noma zibuya esikoleni ukuze baqinisekise ukuphepha kwazo. Umzali, uMartha Zulu uthe akaboni ukuthi ingane yakhe iphephile uma isesikoleni.

“Amaqembu ezigebengu angaphakathi emagcekeni esikole nangaphandle futhi amanye adayisa izidakamizwa,” usho kanje.

UChabalala unxusa umphakathi ukuthi ubambane ngezandla ukulwa namaqembu ezigebengu ezikoleni.

 “Amaqembu ezigelekeqe agcwele ezikoleni zethu okwenza ukufundisa nokufunda kube nzima.

“Abafundi bethu badla izidakamizwa baphinde bazilethe emagcekeni esikole. Othisha nomnyango ngeke bayinqobe le mpi ngaphandle koxhaso lwabazali nomphakathi.

“Kubuhlungu ukuthi indlela yokumiswa esikoleni kwabafundi abangamahlongandlebe ibonakala ingasebenzi njengoba isikhathi esiningi beqhubeka nokuba wuhlupho. Njengamanje sesicabanga ukubaxosha,” usho kanje.

Osesithombeni esingenhla: Umqondisi wesifunda saseKurhuleni East, uSomikazi Chabalala ngesikhathi enomhlangano nabazali

Umthombo wesithombe: Doreen Mokgolo

Izihloko zakamuva