Lubhalwe nguNothando Makhubela
Abafundi base-Mpumalanga bazoxoshwa emanyuvesi ahlukene ase-Russia uma uMnyango wezeMfundo kulesi sifundazwe ungayikhokhi imali yokufunda ngoMsombuluko ngomhlaka-12 kuZibandlela.
UMnyango wehlulekile ukuvuselela inkontileka yawo ephele ngoNdasa nenhlangano ebhekelela ukubhaliswa kwabafundi ezikhungweni ezingu-11 e-Russia.
Laba bafundi bafulathela elakuleli ngo-2016 beyofunda izifundo zokwelapha, ezobunjiniyela neze-cyber security.
Kubafundi abangu-221, abafundi abangu-163 bathole izincwadi zokuxoshwa mhla zinhlanu kuZibandlela njengoba izifundo zabo zingakakhokhelwa.
USandile Gumede owenza unyaka wokugcina ezifundweni zobudokotela enyuvesi i-Saratov State Medical utshele i-Scrolla.Africa ukuthi bathole izincwadi zokuxoshwa ngemuva kwalokho baphoqeleke ukuthi bazisayine.
“Uma kushaya umhlaka-12 kuZibandlela ingakakhokhwa imali yokufunda sizoxoshwa. Unyaka wethu wokufunda kufanele uphele ngoNhlangulana ngonyaka ka-2023. Sizobuyela emakhaya singenazo iziqu zethu,” kusho uGumede.
“Abazali bami abanayo imali yokungithumela ekhaya. Uma usuxoshiwe kufanele uphume emagcekeni esikole nasehostela futhi sidinga ukulishiya izwe njengoba sinama-visa aqinisekisa ukuthi singabafundi kuleli lizwe. Angazi ukuthi ngizokwenzenjani uma ngixoshwa namhlanje.”
“UMnyango uthi uzosifaka kumanyuvesi akuleli, kodwa awekho amanyuvesi agunyaza uhlelo lokufunda lethu. UMnyango awunayo indawo yethu. Bafuna siyeke ukusebenza kanzima kwethu kweminyaka eyisikhombisa ngenxa yemali abahluleka ukuyikhokha.”
Okhulumela uMnyango wezeMfundo e-Mpumalanga, uJasper Zwane uthe uMnyango usuyikhokhile imali yesibonelelo, eyendawo yokuhlala nama-visa abafundi.
“Imali yokufunda ingakhokhwa kuphela uma uMnyango usuthole izincwadi ezidinga imali kulama-nyuvesi ahlukene,” kusho uZwane.
“Inkontileka yenhlangano eqokelwe ukuphatha lolu hlelo isiphelelwe isikhathi kanti uMcwaningimabhuku Jikelele uveze izinkinga ngaleyo nkontileka.”
Uthe okubakhathaza kakhulu ukuthi kungenzeka uMnyango ukhokhiswe imali eningi ile nkampani.
Umfundi waseNyuvesi i-Saratov State Medical ongathandanga ukudalulwa igama uthe: “ Anibazi ubuhlungu bokufunda kwelinye izwe iminyaka eyisikhombisa ngemuva kwalokho ungathweswa iziqu. Angazi nokuthi ngizofika kanjani ekhaya.”
UMnyango awuzange udalule uhlelo lwawo ngabafundi uma behluleka ukukhokha imali yokufunda.
Umisiwe emsebenzini uDkt Sipho Mkhabela onguMqondisi omkhulu eMnyangweni wezeMfundo esifundazweni obephethe lolu daba.
Lokhu kumiswa kulandela ukuvakasha kwethimba lesifundazwe e-Russia eliholwa nguNdunankulu uRefilwe Mtsweni-Tsipane.