Uvalo kowesifazane isigebengu sizocasha kwakhe

Lubhalwe nguBuziwe Nocuze

Owesifazane ubezipholele embhedeni kwakhe endaweni yaseMarcus Garvey eKapa  ngesikhathi indoda ethukile igulukudela egumbini lakhe lokulala, ithi ifuna indawo yokucasha.

Ekhuluma nabezindaba i-Scrolla.Africa, owesifazane ongafunanga ukudalulwa igama uthe uzwe ukukhala kwesibhamu emuva kwesikhashana kwase kungena le ndoda.

“Isibhamu besikhala kude nasekhaya, ingakho ngingathukanga,” esho.

Kodwa kushintshile konke lokho ngesikhathi indoda angayazi igijima izongena egumbini lakhe lokulala yakhiya umnyango yazishutheka embhedeni.

“Uqhamuke egijima nami ngavuka ngokushesha embhedeni kodwa angikwazanga ukubaleka. Ubesesikhiyile vele isicabha,” esho.

“Uthe ubalekela abantu abafuna ukumbulala”.

Noma singekho isidingo sokusho kodwa owesifazane akakuthandanga ukuphazanyiswa ngale ndlela. Uthe ubesaba ukuthi uzodlwengulwa noma abulawelwe into angayazi.

Ngesikhathi singena embhedeni lesi sigebengu, yena ugxume wabaleka wayohlala esitulweni ethukile.

“Bengithukile angikwazanga nokumemeza. Ngihlale esitulwini yena enethezekile embhedeni wami,” esho.

Isibhamu siqhubekile sakhala ngaphandle kuze kwangena inhlamvu ewindini kodwa indoda ayizange inyakaze. Umsindo wezibhamu uze waphela emuva kwemizuzwana.

Isigebengu simbongile ngokusindisa impilo yaso.

“Ayikho into ebengingayenza. Ubevele esengaphakathi endlini futhi ehlukumezekile. Ngisifundile isifundo, sengikhiya umnyango ngisho ngiyokha amanzi empompini,” esho.

Isigebengu asikhulumanga lutho ngokulungisa ifastela lakhe kodwa sithembisile ukuthi ngelinye ilanga soyombonga ngokuthile ngokusindisa impilo yaso kanye nokungamemezi omakhelwane.

Izihloko zakamuva