Uvalo iRussia isikaza ukuhlasela i-Ukraine

Phillip van Niekerk

Bekugcwele ukwesaba okukhulu emhlabeni kule mpelasonto njengoba kubhebhetheka uvalo ngokuhlasela kwe-Russia  ihlasela umakhelwane wabo ose-Eastern Europen, i-Ukraine.

I-Russia iqhubekile nokwakhiwa okukhulu kwamasosha empi angu-130,00, izinto zokubavikela , izikhali kanye nezinto ezisetshenziswayo emingceleni yase-Ukraine, i-Russia ne-Belarus.

Izikhulu zaseMelika zixwayise ngokuthi kungenzeka ukuthi i-Russia ifuna ukuhlasela, okungenzeka ukuthi kuqalwe nge-Barrage of air noma imicibisholo.

Umeluleki wezokuphepha kuzwelonke kaMengameli uJoe Biden, uJake Sullivan, uthe abazi noma uMengameli wase-Russia uVladimir Putin wenze isinqumo esingumqamula juqu sokuthi uzohlasela okungaholela ekutheni kulimale abantu abaningi.

Samsung Galaxy 14G

Kodwa-ke, uSullivan weluleka bonke abantu baseMelika ukuthi basuke e-Ukraine ngokushesha – kanti amanye amazwe akhiphe izixwayiso ezifanayo. Izinkampani eziningi zezindiza nazo zimise izindiza ukuthi zingasebenzi. 

Kodwa uMengameli wase-Ukraine uVolodymyr Zelensky, efuna ukwehlisa imimoya, wehlise amaphapho kubantu ngokuhlaselwa okuzayo futhi wakhombisa ukucasuka ngezixwayiso ezimbi zaseMelika.

Imizamo yokuxoxisana eshubile iyaqhubeka nabaholi baseNtshonalanga ngemuva kokuthi ingxoxo ebisocingweni phakathi kukaBiden noPutin ngoMgqibelo ingatheli izithelo.

I-Russia iziphikile izinhlelo zokuhlasela yafuna ukuthi i-Ukraine ivinjwe unomphela ukujoyina i-North Atlantic Treaty Organisation (Nato), umfelandawonye oholwa iMelika wamasosha aseNtshonalanga ne-Europe, ibiza lokhu “ngomugqa obomvu” wezokuphepha kwase-Russia.

Azikho izinhlelo zamanje zokuthi i-Ukraine ijoyine i-NATO, kodwa inhlangano yenqabile ukuvumelana nenqubomgomo yayo yokuvula umnyango.

Ngokubona kukaPutin i-Ukraine – izwe elizimele kusukela ngonyaka ka-1991 elaliyingxenye ye-Soviet Union – okwakungafanele neze lihlukaniswe ne-Russia kwasekuqaleni.

Kodwa-ke, ubufakazi obuningi buphakamisa ukuthi abantu base-Ukraine bafuna ukuhlala ezweni elibusa ngentando yeningi eliyingxenye ye-Europe.

I-Russia yahlasela i-Ukraine ngonyaka ka-2014 futhi yathatha ingxenye yendawo yayo, i-Cremean Peninsula. Kusukela ngaleso sikhathi, iye yasekela impi yokuhlukanisa empumalanga nezwe eyathatha izimpilo zabantu ezingu-15,000.

USullivan uthe uma i-Russia ihlasela i-Ukraine, i-Nato izophendula ngokuqinile ngezijeziso ezinzima futhi iqinisekise ukuthi iNtshonalanga iveza amandla nokuthi “i-Russia ekugcineni izobhekana nezindleko ezinkulu zokulwa impi.”

Kodwa-ke, uBiden ukubeke kwacaca ukuthi iMelika angeke ithumele amasosha e-Ukraine.

Izijeziso zingadala ukuphazamiseka emnothweni womhlaba. Yize umnotho wase-Russia umncane uma kuqhathaniswa – ulingana nowase-I-taly – ungomunye wabakhiqizi abakhulu emhlabeni kawoyela nogesi, nezinye izinto ezibalulekile.

“Isimo siya ngokuqina siba sibi futhi sifinyelela esigabeni esiyingozi kakhulu,” kusho uNdunankulu wase-Australia uScott Morrison ngeSonto. “Ukusatshiswa nokuxhashazwa kwe-Ukraine akwamukelekile neze.”

Scrolla World Cup Quiz