Uvalo amalulwane nezinyoka kuhlasela isikole eMusina

Kamogelo Olaitan

Bangaphezu kuka-50 abafundi abagulile esikoleni e-Musina okudingeke ukuthi sivalwe ngemuva kokutholakala kwenqwaba yamalulwane ophahleni.

Amalulwane atholwe esikoleni samabanga aphansi i-Sigonde ngoMsombuluko ngumhloli wezempilo nezokuphepha ovela eMnyangweni wezokuQashwa naBasebenzi.

Okhulumela uMnyango, uLerato Mashamba, uthe kutholakale ukuthi isikole asihambisani nomthetho we-Occupational Health Act 85 of 1993. Lo mthetho uthi uma isimo sebhilidi sibeka engcupheni impilo nokuphepha kwabantu kumele ibhilidi livalwe ngokushesha.

Umhloli osabambile esifundazweni uReckson Tshitshivheli uthe ngesikhathi behlola ngoLwesibili ngomhlaka-24 kuNhlaba, bathole ukuthi abafundi abangu-50 bebelove esikoleni. Babike ukuthi bayagula ngenxa yokuhlaselwa ngamalulwane.

Amalulwane bekungewona kuphela inkinga. Othisha bathi amalulwane aheha izinyoka, okumele zibulawe masonto onke.

Umnyango uthe uphahla lwamakilasi okufundela kulo ibanga lika-R, elokuqala, elesine, elesihlanu, elesithupha kanye nelesikhombisa anamalulwane abeka izimpilo nokuphepha kwabafundi nothisha encupheni abangase bathole ukugula noma bashone.

Isikole siphinde sibe nezinkinga zesakhiwo: phakathi kwazo, insika yomnyango wekilasi lebanga lesine iklebhukile futhi iwele ekilasini elingumakhelwane.

Ikilasi elisebenzayo kuphela esikoleni sonke yisakhiwo esingumahamba nendlwana esisetshenziswa ngabafundi bebanga lesibili. UMnyango uthe isikole sonke sisazohlala sivaliwe kuze kube kuyalungiswa.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo esifundazweni uTidimalo Chuene ukuqinisekisile ukuthi isikole sivaliwe wathi basalinde umbiko ogcwele kubahloli babo.

Scrolla World Cup Quiz