
Razeen Gutta
Owayengumpetha we-heavyweight uMike Tyson uqoshwe eshaya umgibeli endizeni e-San Francisco International Airport kodwa abashushisi bamemezele kuleli sonto ukuthi ngeke abhekane necala lokushaya kulandela lesi sigameko.
UTyson (55), uvele kwividiyo eyabwe yi-TMZ, encike esihlalweni sakhe eshaya ngekhanda lo mgibeli ongaziwa obegibele indiza ye-JetBlue Airways. Le vidiyo iphinde ikhombise igazi ekhanda lalo mlisa ogcine ethole usizo lwezempilo.
Abammele uTyson babize isisulu ngokuthi “umgibeli onolaka oqale ukumhlukumeza futhi wamjikijela ngebhodlela lamanzi ngesikhathi ehlezi esihlalweni sakhe.”
IHhovisi Lommeli Wesifunda sase-San Mateo uthe kuleli sonto icala selisuliwe ngemuva kokuthi isisulu noTyson bacele ukuthi icala lingavulwa.
Abammeli balo mshayisibhakela bancome isinqumo sommeli wesifunda ngemuva kokuphuma kwesinqumo, bebonga “ngokucophelela, ukukhuthala kanye nokusebenza ngobungcweti.”