UTuchel ubuyisela iChelsea ezindleleni zabo zokuwina

Menzi Magubane

Kusukela ajoyina iChelsea uThomas Tuchel ube nomthelela obonakalayo.

Selokhu kwaxoshwa uFrank Lampard ngoMasingana amaBlues asazokunambitha ukwehlulwa emidlalweni eyi-12 kuyo yonke imiqhudelwano, nokufica irekhodi lokungahlulwa likaLuiz Felipe Scolari lomlando omude kunayo yonke yomqeqeshi oyinhloko emlandweni we-Chelsea. 

UTuchel usevele uqophe irekhodi elisha kwi-English Premier League ngokuba ngumqeqeshi wokuqala emlandweni weLigi ukugcina irekhodi elihle emidlalweni emihlanu yasekhaya.

Uma iChelsea ihlula i-Atletico Madrid kowe-UEFA Champions League emlenzeni wesibili wokugcina we-16 ngoLwesithathu, bazophula irekhodi likaSolari bese iChelsea idlulela kuma-quarter final.

Kulo mdlalo obuseStamford Bridge (ngehora le-10 ebusuku), iChelsea ibinethuba elibalulekile kunezivakashi. Emasontweni amabili edlule bashaye abase-Spain ngelilodwa eqandeni ekuhambeni ukuze bezobuyela ekhaya nephuzu elibalulekile ngegoli elimangalisayo elishawe u-Olivier Giroud.

UTuchel uzokhuthazwa yirekhodi lokuzivikela kweqembu lakhe, njengoba bekwazile ukuvikela amagoli ayi-10 emidlalweni eyi-12. Iqembu selishaye amagoli ayi-13 kuphela futhi alikashayi ngaphezu kwamagoli amabili emdlalweni selokhu efikile.

UTuchel kungenzeka afake uGiroud, obekade ehleli ebhentshini imidlalo emithathu edlule ye-Premier League.

Khonamanjalo e-Germany, ompetha bomqhudelwano, iBayern Munich bazokwamukela iLazio ngoLwesithathu e-Allianz-Arena ngehora le-10 ebusuku.

IBayern iyona ehola ngamaphuzu alinganayo ngemuva kokunqoba ngamane kwelilodwa e-Italy emlenzeni wokuqala ngenyanga edlule.

Umthombo wesithombe: @ChelseaFC