UTshepang uthole umfundaze wokufundela umsebenzi wephupho lakhe

Everson Luhanga

Ngenyanga edlule, abakwa-Scrolla.Africa bashicilele udaba olwalukhuluma ngoTshepang Komanisi, umfundi wasesikoleni samabanga aphezulu i-Diepsloot No 3 owaphikisana nezinqinamba  waphuma no-distinctions abahlanu kwamatikuletsheni.

Uhlala emjondolo onegumbi elilodwa kanti ikilasi lakhe bekuyisakhiwo sensimbi esinabafundi abangama-67.

Kodwa iphupho lakhe, bekungukufunda izifundo zokwakha.

Manje uTshepang unikezwe umfundaze uMnyango Wezemisebenzi Yomphakathi kanye Nezingqalasizinda ukuze ayofundela ezokwakha eNyuvesi yaseGoli ngemuva kokuthi abakwa-Scrolla.Africa beshicilele udaba lwakhe.

Uthole incwadi evela emnyangweni ngoLwesithathu, efundeka kanje, “Le ncwadi iqinisekisa ukuthi uNgqongqoshe Wezemisebenzi Yomphakathi kanye Nengqalasizinda unikeze uNks Tshepang Jeanett Komanisi umfundaze ukuze afunde ngokugcwele.”

UTshepang uthe ngoNhlolanja wayephupha ngokuba ngumdwebi wamapulani kodwa wayengenayo imali yokuqhubeka nemfundo yakhe ephakeme.

Utshele abakwa-Scrolla.Africa kuleli sonto ukuthi ngemuva kokushicilelwa kwendatshana, abantu abaningi baxhumane naye befuna ukumnika usizo ukuze afeze iphupho lakhe.

Esinye isibonelo esivelele kwaba nguNtokozo Masango ovela kwa-South African Council for the Architectural Profession (SACAP).

UTshepang uthe, “UNtokozo wangithinta wangitshela ukuthi uyalubona udaba lwami futhi unentshisekelo yokungisiza ukuze ngiqhubeke nezifundo zami. Ngagxuma ngenjabulo nganga ubaba ngemuva kwalolo cingo.”

Kodwa-ke, impumelelo kaTshepang yakamuva iye yasibekelwa inhlekelele yomndeni.

Mhla ziyishumi kuNdasa, umama wakhe wadlula emhlabeni ngemuva kokuxinwa yisifo samathambo.

Ngemuva kokuthola ucingo oluguqula impilo oluvela kuNtokozo, uthe, “Ngakhala ngafisa ukuthi ngabe umama ukubonile lokhu. Ushone eziqhenya(ngaye) futhi ubengithandazela ukuba ngiphumelele kulokhu engikholelwa kukho.”

UNtokozo Masango, uMphathi Wezobudlelwano Nababambiqhaza Bezemisebenzi Yomphakathi kanye Nengqalasizinda, utshele abakwa-Scrolla.Africa ukuthi:

“I-SACAP ithole ekhasini le-facebook lakwa-Scrolla.Africa ukuthi iphupho likaTshepang ukuthi abe ngungcweti oqeqeshiwe kwezokwakha futhi ajoyine umsebenzi ohlonishwa kakhulu ngabesilisa.”

Uqhube wathi, “Ngesikhathi sesithole intshisekelo yokufunda ezokwakha nezingqinamba zezimali abhekana nazo ngaphambi kokuba afeze iphupho lakhe lokuba ngumdwebi wezakhiwo osezingeni eliphezulu, saxhumana ngokushesha noNgqongqoshe woMnyango Wezemisebenzi Yomphakathi kanye Nezingqalasizinda ukuthi sicabangele ukunikezela lowo ofuna umfundaze. UNgqongqoshe akazange anqikaze ukumnikeza umfundaze ogcwele wokufundela ukwakhiwa kwezakhiwo.”

Izihloko zakamuva