UTruter uwuhlaba inhlali owamanqamu weNedbank 

Lubhalwe nguMichael Madyira

Iphenathi eyindida ibe nomthelela omkhulu kowamanqamu we-Nedbank Cup ngoMgqibelo phakathi kwe-Orlando Pirates neSekhukhune United kodwa uBrandon Truter akafuni ukugxila kakhulu kulokho.

ISekhukhune ihlulwe iPirates ngo 2-1 e-Loftus Versfeld ukuze baphuthwe isicoco obekungase kube isicoco sabo sokuqala ngqa ebholeni lezinyawo elisezingeni eliphezulu.

Ngemuva kokuthi iSekhukhune ibihamba phambili emizuzwini engu-12 umdlalo uqalile ngegoli likaSibusiso Vilakazi,unompempe uThando Ndzandzaka unikeze iPirates iphenathi eshintshe wonke umdlalo.

Kubonakale sengathi umdlali wasesiswini wePirates uThembikosi Lorch ukhahlele ibhola esandleni sikaVictor Letsoalo ngamabomu ukuze aphoqe isinqumo sephenathi.

Kuxokozela enkundleni uLetsoalo akakwazanga ukuvuma icala lakhe njengoba isandla sakhe besingabonakali ukuthi sisendaweni yaso yini ukuzama ukunqaka ibhola.

Kube inhlahla yePirates njengoba ibuyela emdlalweni ngaphambi kokuthi kuyiwe ekhefini ngesikhathi uTapelo Xoki ephenduka endaweni yakhe.

UTerrence Dzukamanja ube esewinisa iPirates ngesikhathi kukhala impempe yokugcina.

“Ngicabanga ukuthi emasontweni amabili edlule kube nezigameko ezifana nalezi ngakho uma ngijula kuso ngizozwakala njengomuntu omuncu. Angifuni ukuya lapho,” kusho umqeqeshi weSekhukhune uTruter ngesikhathi ecelwa ukuthi aphendule ngesigameko sephenalthi.

Njengoba uTruter enqaba ukusola unompempe ngendlela abashaywe ngayo, iPirates manje igxile kwezakusasa.

Uqinisekisile ukuthi abadlali bakhe banamandla okuzuza okwengeziwe esikhathini esizayo.

“Ngeke ngikwazi ukucela okwengeziwe kubadlali bami,” kusho uTruter.

“Sengike ngasho phambilini ukuthi bangabadlali abaqeqeshekayo. Yini enye umqeqeshi angayicela?

“Bekuyithina futhi ebesilokhu sihamba phambili. Ngiyathemba ukuthi kuzoba neminye imidlalo yamanqamu ezayo.”

Sekuwukuphela kwesizini kwiSekhukhune ngemuva kokuthi uTruter abasuse endaweni yesi-15 ngoLwezi nyakenye ababeke endaweni yesikhombisa ohlwini lwe-Premier Soccer League.

Esithombeni esingenhla: Umqeqeshi weSekhukhune United uBrandon Truter

Umthombo wesithombe: Twitter

Izihloko zakamuva