Lubhalwe nguMichael Madyira
Ngesikhathi uBrandon Truter ethatha izintambo njengomqeqeshi weSekhukhune ngoLwezi nyakenye leli qembu belibalwa nazogawulwa izembe kwi-Premier Soccer League.
Kodwa manje iSekhukhune isemaqenjini ayisishiyagalombili ahamba phambili futhi isethubeni lokuwina isicoco sayo sokuqala sesiliva ebholeni leligi eliphezulu.
ISekhukhune ishaye iStellenbosch ngo 4-3 sekukhahlelwa amaphenalthi ngemuva kokudlala ngokulingana ngo 0-0 ngemuva kwesikhathi esengeziwe ngeSonto ukuze ifinyelele kowamanqamu we-Nedbank Cup lapho ezotholana khona ne-Orlando Pirates.
Ngaphambi kokuthatha umsebenzi kuSekhukhune United, uTruter ubesanda kuxoshwa ku-AmaZulu ngoMfumfu nyakenye yize i-AmaZulu esindile ezembeni.
Manje usengakwazi ukuwina indebe yakhe yokuqala kwi-Premier Soccer League nokuthi ahole iqembu lakhe kwi-CAF Confederation Cup.
“Umndeni wami uhlukumezeke kakhulu ebusuku ungalali uzulazula endlini,” kusho uTruter kwi-SuperSport TV ngemuva kokuhlula iStellenbosch.
“Kumkami nezingane ngiyabonga ngokungibekezelela nokungeseka.”
“Manje sizodlala kowamanqamu futhi lokhu okokuqala kuleli qembu. Kuyimpumelelo. Kukhona konke okumele kudlalelwe. Noma kunjalo asikawini lutho kodwa sijabule ngokuba lapho.”
Kodwa ngaphambi kokuhlangana nePirates kowamanqamu ngomhlaka-27 kuNhlaba e-Loftus Versfeld, iSekhukhune izodlala nePirates emdlalweni weligi kulo Mgqibelo.
“Sisazodlala nabo kuleli sonto ngakho-ke, kufana nokuzilolonga,” kusho uTruter.
IPirates ishaye izimbangi zayo zase-Soweto iKaizer Chiefs kanti isibhekwe njengeqembu elizowina isicoco se-Nedbank Cup.
Lona umqhudelwano womkhumulajezi omkhulu ebholeni lakuleli futhi uTruter ukwazi kahle lokho.
“Kuwumqhudelwano omkhulu kithina. Sekuwumlando weqembu. Nami okokuqala ngifinyelela kulesi sigaba,” engeza.
Ngesikhathi kuyiwa kowandulela owamanqamu we-Nedbank Cup, iSekhukhune ibinenselelo enkulu.
Bebezobhekana neStellenbosch eshaye into ecokeme ekhiphe ompetha abebevikela iMamelodi Sundowns kuma-quarter final.
“Bekuyisonto elikhulu. Into abantu abangayazi umkhuhlane, ukulimala kanye nokumiswa emsebenzini,” kusho uTruter.
“Abadlali badlale kahle. Sihlule iStellenbosch eshaye amagoli amaningi. Namuhla [ngeSonto] bebesekhaya futhi bebeyizintandokazi.
“Size lapha sanamathela ohlelweni lomdlalo sakhuphula amasokisi. Angikwazi ukucela okwengeziwe. Ekupheleni kosuku lomsebenzi onzima yilokhu esiklonyeliswe ngakho.”
Leli iqembu ebelisendaweni yesibili ukusuka phansi ngesikhathi uTruter efika.
Esithombeni esingenhla: Umqeqeshi weSekhukhune United uBrandon Truter
Umthombo wesithombe: @Lorenz_KO