UTrusted SLK kowe-Cotton Fest 

Lubhalwe nguKhaya Ndaba

I-Cotton Fest 2023 ithembisa ukuletha ubumnandi ngezinga eliphezulu njengoba uSivuyisiwe Slinga owaziwa kakhulu ngabalandeli bakhe ngelikaTrusted SLK engomunye wabazocula emcimbini wakulo nyaka.

USlinga wadla umhlanganiso kwi-SportScene Put Me On National Challenge yango-2020 kuya ku-2021 futhi uyakwazi ukujabulisa abalandeli ngesimo sengqondo kanye nemigoqo eshaya kanzima.

Waphinde waqokelwa indondo ye-Best Female South African Hip Hop ngo-2022/23. Uke wacula kwi-Back To The City Festival 2022 nakwi-South African Music Week nyakenye.

Ingoma yakhe eyaziwayo ethi-“Uythetha” isibukwe ku-YouTube –  ngabantu abangaphezu kuka-27,000 kuze kube manje.

USlinga uyena kuphela umrepha wesifazane ongene kwabayisishiyagalombili abahamba phambili emncintiswaneni we-Rap we-One Mic ku-SABC 1.

Lo mculi odabuka e-Eastern Cape waqala ukuziqopha esebenzisa ama-earphone e-call centre.

“Ngaqala umsebenzi wami ngama-earphone e-call centre, ngiziqopha ngicula futhi ngizidlalela mina.”

Isitayela sakhe sihlala siyingqayizivele. “Umculo wami uhlukile ngoba awufani nowabanye, imicabango nje ebhalwe ephepheni,” esho.

Ukusebenza kukaTrusted SLK kuthembisa amandla aphezulu nokudlidliza okunemishayo eminingi ekhumbulekayo.

Esithombeni esingenhla: UTrusted SLK

Umthombo wesithombe: @TheTrustedSLK

Izihloko zakamuva