UTrump uvinjelwe ku-Facebook – kepha usengakwazi ukuqhumisa umhlaba

U-Facebook no-Instagram bamise uDonald Trump unomphela, kanti i-Twitter icishe i-akhawunti kaMengameli waseMelika ubusuku bonke.

Abaphathi bezokuxhumana bavale umuntu onamandla kunabo bonke emhlabeni ngoba wasekela izidlamlilo ezahlasela i-Capitol e-Washington DC, nangenxa yamanga akhe aqhubekayo ngokhetho lwaseMelika.

“Izehlakalo ezishaqisayo zamahora angama-24 adlule zikhombisa ngokusobala ukuthi uMengameli uDonald Trump uhlose ukusebenzisa isikhathi sakhe esisele ehhovisi ukudicilela phansi amandla okuthula nawasemthethweni kulowo akhethwe esikhundleni sakhe, uJoe Biden,” kubhala isikhulu esiphezulu sakwa-Facebook uMark Zuckerberg.

“Sikholelwa ukuthi ubungozi bokuvumela uMengameli ukuthi aqhubeke nokusebenzisa umsebenzi wethu ngalesi sikhathi bukhulu kakhulu.”

Kepha ngenkathi amaphiko ezinkundla zokuxhumana kaTrump enqanyuliwe ngoba akathembakali ukuthi angakwazi ukuzilawula, usengawuqhumisa ngempela umhlaba.

UTrump usenakho ukufinyelela” ku-nuclear ball” – ipotimende elithwalwa eduze kwakhe ngaso sonke isikhathi, lapho angaqhumisa khona ama-missiles.

Sekusele izinsuku eziyi-13 ngaphambi kokuba kuvulwe lesi sikhundla, futhi ukwesaba kokuthi abalandeli bakaTrump – abakholelwa emangeni akhe mayelana nokhetho olwakhwabaniswa- kungadala ukuphazamiseka nobudlova obengeziwe.

Khonamanjalo i-Congress isikuqinisekisile ukuthi uJoe Biden uzofungiswa njengoMengameli waseMelika emini ngomhla  zingama-20 kuMasingana.

Ukuhlasela kwe-Capitol kushaqise umhlaba, abantu abaningi baseMelika – njengalena ekuvidiyo engenhla – bephawula ukuthi kuyamangaza ukuthi amaphoyisa athambe kanjani kubashokobezi abamhlophe, uma kuqhathaniswa nababhikishi abamnyama ezinyangeni ezedlule.

Izihloko zakamuva