Arthur Greene
OwayenguMengameli waseMelika uDonald Trump uzosingatha umcimbi wesibhakela ngoMgqibelo ebusuku, isikhumbuzo seminyaka engama-20 sokuhlaselwa kwamaphekula kwe-9/11.
Ababukeli baseMelika kuzodingeka ukuthi bakhokhe imali engama-R710 ukulalela uTrump eveza ubuhlakani bakhe ngempi phakathi komakadebona besibhakela u-Evander Holyfield noVitor Belfort.
Lowo owayenguMengameli amahlandla amabili uzojoyinwa yindodana yakhe, uDonald Trump Jnr, kule mpi ezobe yenzeka e-Florida.
“Ngiyabathanda abashayi besibhakela abanohlonze,” kusho uTrump Sr embhalweni okhuthaza izimpi.
Ngaphambi kokuqala umsebenzi omubi kwezepolitiki, uTrump wakhuthaza izimpi ezimbalwa ngeminyaka yowe-1980s nowe-90s.
“Ngikubheke ngabomvu ukubabona bobabili kulo Mgqibelo ebusuku futhi ngabelane ngemicabango yami. Ngeke ufune ukuphuthelwa yilo mcimbi okhethekile”.
Ngeshwa lowo “mcimbi okhethekile” uhlangana nomunye: kuzoba yiminyaka engama-20 osukwini lapho okwabulawa khona abantu abayizi-2,996 ekuhlaselweni okune okwenziwa amaphekula eMelika.
Ngenkathi uTrump nendodana yakhe babelana ngemibono yabo ngomdlalo wesibhakela, uMengameli uJoe Biden uzochitha usuku ehambela izindawo ezintathu ezahlukene zesikhumbuzo.
Isinqumo sikaTrump sokuphawula ngale mpi sidonse ukugxekwa okusabalele ezinkundleni zokuxhumana.
Omunye umsebenzisi ubhale ku-Twitter wathi: “Okwamanje anginaso isiqiniseko sokuthi uMengameli uBiden uzobe enzani ngomgubho weminyaka engama-20 wesigameko se-9/11. Kodwa ngiyazi ukuthi ngeke akhokhise umuntu ngamunye u-$50 ukumlalela ephawula ngomdlalo wesibhakela njengoTrump. Kungaphezu kokungahloniphi”.
Umbhali wesibhakela wase-Australia u-Alex McClintock yena ubhale wathi: “Uma kwenzeka uzwa sengathi izinto zihamba kabi, khumbula ukuthi uDonald Trump usuke ekubeni nguMengameli waseMelika waba ngumhlaziyi womdlalo omusha wesibhakela e-Florida phakathi kompetha ababili abaneminyaka yobudala ehlanganisiwe eyi-102 esikhathini esingaphansi kwezinyanga eziyisishiyagalolunye”.
Umthombo wesithombe: @ iggy1991