UTrump ugadla eNingizimu Afrika

https://twitter.com/donalddavhie/status/1886250942712127912

Lubhalwe nguDylan Bettencourt

UDonald Trump uthi uzoyeka ukunika iNingizimu Afrika imali ngoba ethi uhulumeni uthatha umhlaba ngokungafanele.

INingizimu Afrika ithi uTrump kumele afunde kabanzi ngemithetho yezwe ngaphambi kokusho lezi zinsolo.

UMengameli waseMelika uDonald Trump uthi uzoyeka ukunika iNingizimu Afrika imali ngoba ecabanga ukuthi uhulumeni uthatha umhlaba wabantu ngokungafanele.

Lokhu kuza ngemuva kokuthi uMengameli Cyril Ramaphosa esayine umthetho omusha ngenyanga edlule ovumela uhulumeni ukuthi athathe umhlaba ngaphandle kwesinxephezelo kwezinye izimo.

UTrump ubhale enkundleni yakhe yezokuxhumana i-Truth Social ngeSonto wathi: “INingizimu Afrika idla umhlaba, futhi iphatha abantu bezigaba ezithile kabi kakhulu. Ngizovele nginqamula lonke uxhaso lwesikhathi esizayo eNingizimu Afrika kuze kube sekuphothulwe uphenyo olugcwele ngalesi simo! “

UMengameli uCyril Ramaphosa uphendule ngokuthi iNingizimu Afrika ayikaze idle noma yimuphi umhlaba.

“INingizimu Afrika ibuswa ngentando yeningi kumthethosisekelo egxile kakhulu emthethweni, ubulungiswa nokulingana. Uhulumeni waseNingizimu Afrika awukho umhlaba awuthathile,” kusho uRamaphosa.

“Sibheke ngabomvu ukuxoxisana nabaphathi bakaTrump mayelana nenqubomgomo yethu yokubuyiswa komhlaba kanye nezindaba ezithinta amazwe amabili. Siqinisekile ukuthi kulezo zingxoxo, sizokwabelana ngokuqondana okungcono nokufanele ngalezi zinto,” kusho uMengameli.

Uhulumeni waseNingizimu Afrika naye uziphendulele, wathi akukho okungajwayelekile ngomthetho wawo omusha womhlaba.

“Siyethemba ukuthi abeluleki baMengameli uTrump bazosebenzisa isikhathi sophenyo ukuze bathole ukuqonda okuphelele kwezinqubomgomo zaseNingizimu Afrika ngaphansi kohlaka lwentando yeningi yomthethosisekelo,” kusho uMnyango Wezangaphandle esitatimendeni.

Uhulumeni uthi kumele aqale azame ukuvumelana nabanikazi bomhlaba ngaphambi kokuthatha noma iyiphi impahla. Ngeke amane adle umhlaba ngokuthanda kwakhe.

Kamuva uTrump watshela izintatheli ukuthi “ Ubuholi baseNingizimu Afrika benza izinto ezimbi, ezinyantisayo” kodwa akenzanga izibonelo.

Ubunikazi bomhlaba buhlala bungundabuzekwayo eNingizimu Afrika. Iningi lamapulazi lisengawabantu abamhlophe sekuphele iminyaka engu-30 ubandlululo lwaphela.

Umthetho Womhlaba Wabantu Bomdabu wango-1913 wabona izinkulungwane zemindeni yabantu abamnyama bexoshwa nguhulumeni wobandlululo.

I-AfriForum esitatimendeni ithe izobhalela uhulumeni wase-United States incwadi esemthethweni futhi icela ukuthi izinyathelo uMengameli uDonald Trump afuna ukuzethula ngokumelene neNingizimu Afrika kufanele ziqondise kubaholi abaphezulu be-ANC ngokuqondile hhayi izakhamuzi zaseNingizimu Afrika.

UKallie Kriel, oyisikhulu esiphezulu se-AfriForum, uthe inhlangano yakhe isivele yaxwayisa uMengameli Cyril Ramaphosa kanye ne-ANC ngokuthi ukusayinwa koMthetho Wokudliwa Kwempahla kuzoba nomthelela omubi ekuthembeni abatshalizimali eNingizimu Afrika.

Lolu daba ludonse amehlo abantu abacebile nabanamandla njengo-Elon Musk, owazalelwa eNingizimu Afrika futhi weluleka uTrump. UMusk washiya iNingizimu Afrika esemncane ngesikhathi sobandlululo.

Abanye abantu abanohlonze abasondelene noTrump abakhulele emazweni ase-southern Afrika ngesikhathi sobandlululo kubalwa uDavid Sacks osehola umsebenzi kaTrump kwezobunhloli kanye noPeter Thiel owayehlala e-Namibia.

Esithombeni esingenhla: UDonald Trump.

Umthombo: Ifayela

Izihloko zakamuva