UTrump angahle akhalelwe amasango kasigonyela ajoyine uZuma

Arthur Greene

Njengoba ibhizinisi likaDonald Trump libhekene nokubekwa amacala obugebengu, lowo owayengumengameli waseMelika angahle ajoyine uJacob Zuma ejele kungekudala.

Inhlangano iTrump Organisation, kanye nesikhulu sayo esiphezulu kwezezimali kulindeleke ukuthi bathweswe amacala obugebengu aphathelene nokubalekela ukukhokha intela ngummeli wesifunda sase-Manhattan mhla zi-1 kuNtulikazi.

Amacala abhekene nale nkampani ne-CFO u-Allen Weisselberg ahlobene nezinsolo zokwehluleka ukukhokha intela kumhlomulo ongezelelwe nezinzuzo zezinkampani.

Le nkampani kubikwa ukuthi ibidiza ngemali, izimoto ngisho nempahla njengenzuzo yabasebenzi benkampani yayo.

La macala kubikwa ukuthi afaka nemali engaphezu kwezigidi ezi-R7.1 emalini yesikole eyakhokhelwa abazukulu ababili bakaWeisselberg ukuba bafunde kwesinye sezikole ezizimele ezibiza kakhulu kuleli.

Akukaziwa okwamanje ukuthi ngubani omunye othole lezi zinzuzo ezingekho emthethweni nokuthi zingakanani.

Noma uTrump uqobo engeke abekwe icala lobugebengu, ukuqhutshwa kwenqubo kuveza uphawu lwamacala okuqala obugebengu alethwa selokhu kwaqala uphenyo eminyakeni emithathu eyedlule.

Esitatimendeni, uTrump uthe ukusebenzisana kwakhe “kuyindlela ejwayelekile kuwo wonke umphakathi wamabhizinisi aseMelika, futhi akulona neze icala.”

Kulesi sitatimende, ubuye wabiza uphenyo lwe-DA “njengokuqhubeka nokushushiswa kwezepolitiki yizitha zakhe,” okufana ncamashi nokuphume encwadini kaZuma.

Owayengumengameli waseNingizimu Afrika ubelokhu ebiza izinsolo abekwe zona njengetulo ngesikhathi kuphenywa ngombuso.

Izihloko zakamuva