UTrevor uhleka yonke indlela eya ebhange

Usomahlaya uTrevor Noah kubikwa ukuthi uthengise isithabathaba somuzi wakhe osezingeni eliphakeme e-Los Angeles ngo-$21.7 wezigidi zamadola aseMelika (R351 wezigidi zamarandi).

Ngokusho kwephephabhuku i-Variety, le ndlu “ibukeka kahle e-Los Angeles, inendawo engamalitha angama-500 e-aquarium yamanzi anosawoti, indawo yaseshashalazini kanye ne-VIP suite eyimfihlo.”

Lesi sihlabani saseNingizimu Afrika esethula uhlelo oludume kakhulu i-Daily Show kumabonakude waseMelika, sathenga le ndlu ngonyaka owedlule ngo-$20.5 wezigidi zamadola aseMelika (R279 wezigidi zamarandi), ngakho-ke uthole inzuzo eningi – uma ubala ngamarandi.

Ngokusho kwephephabhuku i-Variety, uTrevor ubuye abe nenye indlu yokuhlala eseqhopheleni eliphezulu e-New York, inobhavu wensimbi osetshenziswayo lapho umuntu uma egeza ubona khona ibhilidi elidume kakhulu edolobheni, i-Empire State.

Enye yezinto osomahlaya baseNingizimu Afrika abangayifisa uma bevuka bebuka emawindini abo.

Isithombe: @realDailyWire