UTrevor Noah uzobangumphathi wohlelo kuma-Grammys

Usomahlaya waseNingizimu Afrika ophinde abe ngumethuli we-‘The Daily Show ‘, uTrevor Noah, uzoba yi-Master of Ceremonies kuma-Grammy Awards wama-63, okuyindondo enkulu kunazo zonke emkhakheni womculo.

UTrevor ungene esikhaleni somculi uAlicia Keys obephethe uhlelo eminyakeni emibili edlule.

UTrevor uphendule ngokuthi uphoxekile ngokuthi akazange acelwe ukuthi acule noma aqokwe kwi-albhamu ehamba phambili.

“Ngicabanga ukuthi njengomuntu oqokwe kanye kuma-Grammy, ngingumuntu ongcono ukududuza bonke abaculi abamangalisayo abangeke bawine ngalobu busuku ngoba nami ngiyabazi ubuhlungu bokungawini lo mklomelo!” uyasho.

Ama-Grammys wezi-2021 kulindeleke ukuba asakazwe ngeSonto, mhla zingama-31 kuMasingana kowezi-2021.

Umthombo wesithombe: @PopCrave

Izihloko zakamuva