UTrevor Noah usemangalele udokotela owamuhlinza kwadaleka nezinye izinkinga phezu kwenye

Dylan Bettencourt

Usomahlaya Trevor Noah, usemangalele udokotela wamathambo ngezinsolo zokuhlinzwa okungahambanga kahle “osekudale ukuthi alimale kakhulu”.

UJustin Blitz ongummeli we-Schulman Blitz LLP uvule icala eliveza ukuthi usomahlaya waseNingizimu Afrika ophinde abe ngumsakazi we-The Daily Show, usevele wathola izibazi eziyohlezi zikhona unomphela, ezinzima futhi ezibuhlungu”.

UNoah uthi udokotela uRiley Williams wehlulekile ukumnikeza imishanguzo efanele nokuholele ekutheni agcine esehluleka ukuyeka imishanguzo ethile kadokotela.

Udokotela uWilliams uphinde wasolwa ngokuhluleka ukwenza ucwaningo nokuhlola uNoah ngendlela efanele ukuze kutholakale ukuthi yini le emgulisayo. Lezi zibazi zokulimala kubikwa ukuthi zigulise lo somahlaya waba sezinhlungwini, izibazi zavuvukala futhi wakhubazeka.

UNoah nethimba lakhe lezomthetho bayaqhubeka nokusola udokotela ngokungamazisi umsakazi kamabonakude ngobungozi noma umphumela wokusebenzisa ezinye izindlela zokwelapha.

“Umuntu ohlakaniphile futhi onengqondo ephile saka ubezonqaba ukuthatha le mishanguzo ukube wazisiwe ngobungozi, nezingqinamba nezinye izindlela zokwelashwa ezikhona,” kusho incwadi yabammeli

Ummeli kaNoah uthe ummangali angeke aphawule ngalesi sigameko kuze kube kuphothulwa uphenyo ngalolu daba.

Isibhedlela esikhethekile sokuhlinzwa la ahlinzwe khona usomahlaya siphendule lezi zinsolo sathi lezi zinsolo azinamsebenzi.

“Sabelane nommeli kaMnumzane uNoah ngemininingwane egcwele mayelana nezikhalazo ezingenamsebenzi,” kusho ithimba lezokuxhumana nomphakathi esibhedlela.

UNoah wayeyisiguli esibhedlela mhlaka-25 kuNcwaba ngonyaka ka-2020 kanye nangomhlaka-17 kuZibandlela ngonyaka ka-2020. Kanti ukuhlinzwa kuthiwa kwenziwa mhlaka-23 kuLwezi ngonyaka odlule. Akuvezwanga ukuthi wayehlinzelwani.

Azikho iziqephu ze-The Daily Show ezasakazwa mhlaka-19 kuLwezi kanye nangomhlaka-30 kuLwezi kulowo nyaka njengoba kusolwa ukuthi uNoah wayesesimeni esingesihle kulandela ukuhlinzwa kwakhe.

UNoah nethimba lakhe labammeli bafake icala enkantolo enkulu yase-New York ngomhlaka-29 kuLwezi kulo nyaka.

Umthombo wesithombe: @Newsday

Izihloko zakamuva