UTrevor Noah uqhubeka njalo nokuliphephezelisela phezulu ifulege lakuleli

Sizwe Sibiya

Uma kuke kwaba nokungabaza ukuthi uTrevor Noah usephumelele, ukuphatha kwakhe uhlelo lwama-Grammys kuqinisekisile ukuthi impela usephumelele.

UNoah ubekhazimula.

Ngaphambi kokusakazwa kwama-Grammy, osaziwayo bakuleli abanjengo-Anele Mdoda baye ku-Twitter babhala ukuthi balindele kanjani ukubona uTrevor kulolu hlelo. U-Anele uthe, “UTrevor Noah yisona sizathu esizongenza ukuthi ngibuke ama-Grammy Awards”. Ngesikhathi sohlelo uChristine Diane, unkosikazi kaJohn Legend, ubhale ku-Twitter wathi “Lol @trevornoah is being fuckin great”.

Uhlelo lwakhe lwamahlaya ezepolitiki i-Daily Show yilona elimbeke ezingeni lokwaziwa umhlaba wonke. Owayengumethuli wohlelo kanye nenkakha kasomahlaya uJon Stewart, nguyena owakhetha uNoah ukuba angene esikhundleni sakhe ngowe-2015.

Njengoba sonke sazi ukuthi akulula ukuthatha izintambo kubantu abafana noStewart kodwa uTrevor Noah uliphathe kahle kakhulu uhlelo nangesitayela sakhe futhi. Selokhu waba ngumphathi wohlelo i-Daily Show manje isisakazwa emazweni ayi-170 – uma kuqhathaniswa namazwe angama-76 ngenkathi ethatha izintambo.

Ngowe-2009, waba nombukiso wakhe wokuqala e-Lyric Theatre, e-Gold Reef City la okwakugcwele khona izihlwele. Ngemuva kwalokho waba ngusaziwayo emkhakheni wamahlaya waseNingizimu Afrika, futhi usethengise ngemibukiso yakhe emazwenikazi amahlanu.

UNoah, odabuka e-Soweto noma ngabe usesiteji usho amahlaya noma uziphilela impilo yakhe yangasese, olokhu enqobe njalo.

Iphephabhuku eliphambili emhlabeni kwezamabhizinisi nezomnotho i-Forbes yabika ngowe-2019 ukuthi uhola imali engaphezu kuka- $ 20 million ngonyaka. Ngowe-2017, ngosuku lwakhe lokuzalwa, wathenga ifulethi lase-New York okubikwa ukuthi lalibiza izigidi ezi-R130 million (ngaleso sikhathi cishe kwakungamaDolla aseMelika ayizigidi eziyishumi).

UNoah usanda kubonakala kwi-Coming 2 America njengomsakazi wezindaba e-Zamunda, umbuso wokuziqambela wase-Afrika lapho okubusa khona iNkosi elingiswa u-Eddie Murphy, u-Akeem Joffer.

Izihloko zakamuva