UTrevor Noah nepodcast yakhe entsha

UTrevor Noah usezokwethula i-podcast yamasonto onke ku-Spotify ngokuhamba kwesikhathi kulo nyaka.

I-podcast esazoqanjwa igama izokhombisa isitayela sikaNoah samahlaya esiyingqayizivele kanye nombono womhlaba wonke njengoba exoxa ngezihloko ezihlaba umxhwele kakhulu ezenzeka manje.

Izophinde ibe nezingxoxo ezijulile nabantu abanethonya abavela emhlabeni wonke.

Yize i-podcast izoba ngeye-Spotify izotholakala ezinkundleni eziningi ngokungafani namanye ama-podcast akhethekile e-Spotify abanye osaziwayo.

UNoah owayengumethuli we-The Daily Show uzwakalise ukujabula kwakhe ngethuba lokuhlola okuqukethwe nezingxoxo ezinengqondo ngaphandle kwemingcele kamabonakude.

Ukholelwa ekutheni ukwenza i-podcasting kuzomvumela ukuthi ajule ezihlokweni isikhathi eside engacindezelwe izikhawu zesikhathi ezishiwo izikhangiso.

Ugcizelele inkululeko yokwenza iziqephu noma yikuphi emhlabeni. Ubona i-podcast iyinkundla yezingxoxo ezithakazelisayo nokuxazulula izinkinga ngokwenza amahlaya ambalwa lapha nalaphaya.

Isivumelwano se-Spotify noNoah sibonisa isu labo eliqhubekayo lokuheha ithalente elivelele ohlelweni lwabo lwe-podcast.

Ngesikhathi ezinye zezivumelwano zabo ezikhethekile ze-podcast seziphelile, i-Spotify sibona uNooh engumuntu okulungele ukwenza izinhlelo zayo.

I-podcast kaNoah imenyezelwe engxoxweni nomphathi we-Spotify uDaniel Ek engqungqutheleni ye-Cannes Lions lapho obekudingidwa khona ukusetshenziswa kobuchwepheshe obusha kanye nemithombo yezokuxhumana ukuze kuxhunyanwe nezithameli.

Ngemuva kweminyaka eyisikhombisa ekwi-The Daily Show, uNoah washiya lolu hlelo ngasekupheleni kwanyakenye.

Useke waba umethuli emcimbini wezindodo wama-Grammy eminyakeni emithathu edlule futhi wabhala incwadi ethengwa kakhulu ethi-Born a Crime: Stories From a South African Childhood.

Luhlanganiswe nguMbhali we-Staff

Esithombeni esingenhla: UTrevor Noah

Umthombo wesithombe: Twitter

Izihloko zakamuva