UTravis Scott noKylie Jenner bathole ingane yabo yesibili

Sizwe Sibiya

UKylie Jenner nomrepha uTravis Scott bathole ingane yabo yesibili esontweni elilodwa uRihanna no-ASAP Rocky abamemezele ngalo  emhlabeni wonke ukuthi balindele izibulo labo.

UKylie umemezele lezi zindaba ezinkundleni zokuxhumana ukuthi indodakazi yakhe eneminyaka emine uStormi inomfowabo omncane!

UKylie ungusomabhizinisi, unobuhle futhi uyindodakazi kaCaitlyn noKris Jenner. Waduma ohlelweni oludumile lwakumabonakude i-Keeping Up With The Kardashians.

Umemezele lezi zindaba ngokufaka isithombe sesandla sosana esinobumnyama nobumhlophe ezinkundleni zokuxhumana.

Samsung Galaxy 14G

UKylie ubhale wathi “2/2/22”, ngemuva kokubelethwa kosana lwakhe. Kusobala ukuthi abazali bomfanyana banqume ukungalisho ingama lengane okwamanje.

Ukubelethwa kwale ngane kuzoletha injabulo kubaba wayo uTravis Scott, ophakathi kwamacala angaphezu kwangu-300 abiza izigidi zamaRandi ngemuva kwengozi eyenzeke kwikhonsathi yakhe ye-Astroworld okushone kuyo abantu abaningi.

Umthombo wesithombe: Instagram

Scrolla World Cup Quiz