Lubhalwe nguDylan Bettencourt
Ukaputeni u-Ibrahim Traoré ungomunye wabaholi abancane kunabo bonke emhlabeni kanye nomholi okhulayo e-Afrika.
Wathatha izintambo ukuze aketule umbuso, waxosha amasosha angaphandle, futhi wanikeza izimayini zegolide kwinkampani yase-Russia.
Ukaputeni u-Ibrahim Traoré uthathe izintambo ngendluzula esebenzisa isibhamu, abantu base-Afrika yonkana sebembiza ngeqhawe.
Lo wesilisa oneminyaka engu-36 ubudala wase-Burkina Faso ungomunye wabaholi abancane kunabo bonke emhlabeni. Selokhu athatha izintambo ngo-2022, usedume ngokumelana nemibuso yaseNtshonalanga nokulwela ukulawulwa kwe-Afrika.
Intsha e-Afrika yonkana iyamthanda ngokuxosha amasosha akwamanye amazwe nokusebenzisana ne-Russia esikhundleni.
UTraoré ube ngumholi ngemuva kokusola lowo owayenguMengameli ngokwehluleka ukunqanda ukuhlasela kwamaphekula. Ngesikhathi ethatha izintambo waxosha amasosha ase-France wathi izwe lakhe lizobhekana nokuphepha kwalo.
Wabe esenza izivumelwano ne-Russia, hhayi nje ngezikhali, kodwa nangegolide.
NgoMbasa ka-2025, uTraoré wanika inkampani yase-Russia i-Nordgold ilayisensi entsha yezimayini zegolide. Lesi sivumelwano kulindeleke ukuthi singenise imali engaphezulu kuka-R1.7 billion.
Ubuye wathatha izintambo kwizimayini ezimbili ezinkulu zegolide enkampanini yase-Britain. Uhulumeni wakhe manje uphethe inkampani yezimayini futhi usebenza ngemithetho emisha ukuze anciphise ukulawulwa kwezinsiza zangaphandle.
Abanye abantu bathi uthatha amandla nje. Ngo-2024, amaphekula amahlanu abulala ahlasela i-Burkina Faso. UTraoré usola amasosha angaphandle ayekhona ngaphambi kwakhe futhi uthi izinhlelo zakhe ezintsha zizosebenza.
Emcimbini wokugcotshwa kukaMengameli wase-Ghana ngoMasingana wafika ephethe ivolovolo enqulwini waba sematheni ezinkundleni zokuxhumana.
Lapho ugeneral waseMelika emsola ngokusebenzisa igolide lezwe ukuze azivikele, abalandeli bakaTraoré babethukuthele. Izinkulungwane zazigcwele imigwaqo e-Ouagadougou, ziphephezelisa amafulege ase-Russia nase-Burkinabè futhi zicula, “Long live Captain Traoré!”
Abanye babephethe izimpawu ezibiza ugeneral ngesigqila.
UTraoré waze waduma e-Russia lapho evakashele khona. Wamukelwa njengeqhawe.
Manje sekunamahlebezi ezinhlelo zangaphandle zokumsusa. Kodwa intsha eningi yase-Afrika imbona engaphezu nje kukaMengameli imbona njengesiqalo sento enkulu.
Esithombeni esingenhla: UCaptain Ibrahim Traoré.
Umthombo wesithombe: @AfricanHub_