UTol Ass Mo ugxekwe ngokudelela ingane yesangoma eseyashona

Lubhalwe nguRorisang Modiba

Usomahlaya uTol Ass Mo uthe imikhuba yesangoma uGogo Skhotheni yaholela ekushoneni kwengane yakhe.

USkhotheni nomyeni wakhe bakuchithile ukuxolisa kwakhe, bathi ukuphawula kwakhe kunonya nokungahloniphi.

Usomahlaya uTol Ass Mo ucasule abantu abaningi ngemuva kokuphakamisa ukuthi imikhuba yesangoma uGogo Skhotheni iholele ekushoneni kwengane yakhe.

Ekhuluma ohlelweni i-Podcast and Chill with MacG, uMo uthe umsebenzi kaSkhotheni njengomelaphi ungase ube imbangela yokushona kwendodan yakhe, uMonde Junior, ngoMandulo ka-2024.

USkhotheni uyala ukwamukela uxolo lwakhe. “Ngikhathele abantu bekhuluma kabi ngendodana yami engasekho bese bexolisa. Wazi kahle ukuthi utheni futhi uqonde ukuthini. Ukube ubuxolisa ngokweqiniso bekumele uxolise ngemva nje kwengxoxo noma ngakusasa. Niyijwayele lento yenu,” kusho yena.

Umyeni wakhe, uMonde Shange, ukhwele wadilika kuMo ngamazwi anonya.

“Kunemigqa okungamele yeqiwe, omunye ukhuluma ngokulahlekelwa yingane yomuntu ngendlela edelelayo nokungazi,” kusho uShange.

“Ukuphawula kwakho ngomkami kanye nendodana yami kungaphezu kokulimaza kuwubudedengu futhi kuwubulwane. Umkami ubethwele ubuhlungu obungacabangeki nsuku zonke selokhu uMonde Junior asishiya. Ukuphakamisa ukuthi umsebenzi wakhe njengomelaphi wendabuko uhlobene nokudlula kwakhe akuwona nje amanga nje kuphela kodwa kuyacasula kakhulu.”

UMo uzamile ukuxolisa ezinkundleni zokuxhumana: “Ngifuna ukuzinika isikhashana ukuxolisa ngamazwi ami. Ngikhulume kabi ngingabuqondi kahle ubuhlungu obuhambisana nokulahlekelwa ingane.

Manje sengiyabona ukuthi amazwi ami abuhlungu kangakanani, futhi ngizisola ngokujulile nganoma ikuphi ubuhlungu engibuvusile.

Kodwa ubelokhu eziphendulela ethi ubexwayisa abantu besifazane abamithi ngokusebenzisa umuthi.

Uthume umlayezo ku-WhatsApp kaSkhotheni, kodwa ubesaphatheke kabi ukuthi angamxolela.

Abasesithombeni esingenhla: UTol Ass Mo noGogo Skhotheni.

Source: @tolassmothegamer and @gogo_skhotheni

Izihloko zakamuva