UTiwa Savage unikeze abalandeli bakhe ikakhulukazi abesilisa isipho esikhetheke kakhulu – futhi baphendula ngemilayezo ejabulisayo yokubonga ezinkundleni zokuxhumana!
UTiwa, indlovukazi yezingoma zase-Nigeria ufake izithombe zakhe ezehlukene ebhince ithawula elimhlophe ezinkundleni zokuxhumana.
Abalandeli bakhe abaningi bacele ukumsula umzimba – abanye bacela okunye okungalungile.
UTiwa (ogama lakhe nguTiwatope Savage) waba ngowesifazane wokuqala ukuwina i-Best African Act kuma-2018 MTV Europe Music Awards. I-albhamu yakhe yakamuva i-Celia ikhishwe ngoMandulo.
Uzobonakala kanye noNicki Minaj, kwi-albhamu kaDavido i-A Better Time ezokhishwa mhla zi-13 kuLwezi.