Lubhalwe nguBisi Abidoye
NgoLwesithathu, uBola Tinubu obengenele ukhetho lwe-APC umenyezelwe njengoMengameli wase-Nigeria.
Lesi simemezelo siphawule ukuphela kwenqubo yokhetho lukaMengameli olunezingxabano.
UTinubu uthole amavoti angu-8,794,726 wehlula abanye abeqhudelana nabo abangu-17.
Izimbangi zakhe ezimbili ezisondelene kakhulu, u-Atiku Abubakar we-PDP kanye noPeter Obi we-Labour Party bafuna ukuthi kuhoxiswe ukhetho lwangomhlaka-25 kuNhlolanja.
Basola ukuthi ukhetho lonakaliswe ukucindezelwa kwalabo abavotayo kanye nokwehluleka kwe-INEC ukulayisha imiphumela yamayunithi okuvota esuka eziteshini zokuvota ezingaphezu kuka-176,000 ingene kwi-web portal njengoba kubalulwe kumhlahlandlela wayo.
UTinubu ubambe iqhaza elikhulu kwezepolitiki yeqembu kusukela ngo-1992 ngesikhathi eqokwa njengelungu lephalamende. Kusukela ngaleso sikhathi ube ngumbusi wase-Lagos iminyaka eyisishiyagalombili.
Bekungokokuqala engenela ukhetho lokuba nguMengameli weqembu, kungaba okhethweni lwama-primaries noma lukazwelonke.
Ube ngumuntu wesithathu e-South-West ukuthi aqokwe njengoMengameli eminyakeni engu-30, okungabantu abathathu bokuqala emlandweni wonke wezwe.
UTinubu ungene cishe ngokungaziwa endaweni yezombangazwe ngesikhathi sohlelo loguquko lwezepolitiki lukaJenene Ibrahim Babangida, owayenguMengameli wezempi wase-Nigeria kusukela ngo-1985-1993.
UTinubu waqokwa njengelungu lePhalamende ngoNhlangulana ngo-1992. Kamuva wahlanganyela ekusungulweni kwe-National Democratic Coalition (NADECO) eyayikhankasela ukulwa nokubusa kwezimpi. Ukuzibandakanya kwakhe emzabalazweni wentando yeningi kwamphoqa ukuthi adingiswe.
Ngesikhathi ebuyela ekhaya ngemuva kokushona kukaSani Abacha ngoNhlangulana ngo-1998, uTinubu wajoyina ekwakheni i-Alliance for Democracy futhi wakhethwa njengombusi wokuqala wase-Lagos e-Fourth Republic ngo-1999.
Iqembu likaTinubu kamuva lahlanganiswa namanye amaqembu amabili ayesewile ukuze akhe i-APC ngo-2013. Iqembu laqhubeka nokunqoba i-PDP ebusayo okhethweni luka-2015 futhi laphinde lanqoba okhethweni lwalo nyaka.
Uma esefungiswa ngomhlaka-29 kuNhlaba uTinubu uzoba uMengameli wesihlanu wase-Nigeria we-Fourth Republic.
Imibuzo isaqhubeka mayelana nosuku lokuzalwa lukaTinubu, abazali bakhe kanye nemfundo yakhe esemncane. Kodwa-ke, amarekhodi akhe athi wazalwa ngomhlaka-29 kuNdasa ngo-1952.
UTinubu ushade noRemi oyilungu lephalamende le-Federal Republic of Nigeria.